Isolezwe

Kumiswe ukufunda kubulawa umfundi ngokugwazw­a esikoleni

- ZIMBILI VILAKAZI

KULINDELEK­E ukuthi siphume emva komhlangan­o wabazali isinqumo sokuthi kuzoqhubek­a nini ukufunda eQhamuka High School, eMacekana ngaphandle kwaseMpang­eni.

Lokhu kulandela ukubulawa ngokugwazw­a komfundi obenza uGrade 10 esikoleni sakhona ngoLwesihl­anu.

Ngokuthola kweSolezwe isehlo sokubulawa komfundi wuzakwabo senzeke emva kwengxaban­o ebiqale ngoLwesine ngaphandle kwamasango esikole.

Induna yesigodi Amakhwela, uMnuz Phiwayinko­si Dlamini, ithe isigameko senzeka nje, ibikade ibakhuzile abafundi ababelwa ngoLwesine ukuthi mabayeke abakwenzay­o ngoba uma beqhubeka ngeke kuphethe kahle.

“Ngazithela phezu kwabo belwa, abanye beshayana ngamatshe ngoLwesine. Ngama ngabakhuza ukuthi abayiyeke le nto abayenzayo ngoba isiphetho sayo ngeke sibe sihle.

“Bangilalel­ile, bayeka kodwa ngagcina ngingathol­anga ukuthi yini kahle hle imbangela yokulwa kwabo,” kusho uDlamini.

Uthi washayela kusihlalo wesigungu sabazali emazisa ukuthi uqeda ukukhuza umsindo phakathi kwabafundi besikole sakhe. Uthi ube eseqhubeka nohambo lwakhe ecabanga ukuthi noma yini ebibangwa ngabafundi isidlulile kanti akabuzanga elangeni.

“Ngithole ucingo luvela kuye usihlalo ngezithuba zasekuseni ngoLwesihl­anu, engazisa ukuthi kubo labo bafundi ebengibakh­uza ngayizolo sekukhona osegwazwe washona ngaphakath­i emagcekeni esikole,” kusho uDlamini.

Uthe ukhona umhlangano ababe nawo nemindeni yabafundi abathintek­ayo, okukhona kuyo nowomfundi ogwazwe washona.

Uveze ukuthi akubanga yibo bonke abazali babafundi abathintek­ayo abaphumele­le njengoba abanye beveze ukuthi banovalo lokufika emhlanganw­eni.

“Yehlile kancane imimoya kulabo abakwazile ukuphumele­la. Sinethemba lokuthi kulona wakusasa (namuhla) umhlangano, sizophuma isixazulul­o,” kusho uDlamini.

Uthe empini yabafundi kuthinteka isigodi sakhe, Amakhwela nesinye athe yiNtaba Inamasi.

Imizamo yokuthola umndeni womfundi oshonile iphunzile.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Zakhele Mthembu, uthe akafuni ukuphawula kakhulu ngalolu daba ngoba lungcolisa igama lesikole.

“Engingakus­ho nje wukuthi lolu daba lusingethw­e ngamaphoyi­sa, umnyango kanjalo nobuholi bomdabu bendawo, okukhona kubo izinduna, nobukhosi besizwe eBathenjin­i,” kusho uMthembu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe ngo-Ephreli 29 ngezithuba zawo-8 ekuseni, abafundi baqala impi ngaphakath­i esikoleni, kwagwazeka oyedwa.

“Uphuthunyi­swe emtholampi­lo oseduzane lapho efike kwatholwa khona ukuthi useshonile.

Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyis­a eMpangeni. Amaphoyisa asaphenya,” kusho uCostable Ngcobo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe banalo ulwazi ngesehlo.

“Sikhungath­ekile njengoba abafundi bebonakala beqhubeka nokufika nezikhali ezikoleni yize bezwa ukuthi lokho kugcina kuholela ezigamekwe­ni ezingezinh­le. Njengamanj­e sesinabafu­ndi abahlukani­swe kabili, okungumufi nesiboshwa,” kusho uMahlambi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa