Isolezwe

Ingebhe kwenyuka izibalo zeCovid-19 eKZN

- ZIMBILI VILAKAZI

SEKUQUBUKE uvalo KwaZulu-Natal, kulandela ukwenyuka kwezibalo zabahaqwe yiCovid-19. Ngokweziba­lo zangempela­sonto, bangu-1 700 abantu abahaqwe yileli gciwane esifundazw­eni.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al, uNksz Nomagugu Simelane, uthe u-80% wezibalo zakamuva ukubantu abakuMasip­ala weTheku, kuthi u-7% ube kwabakuMas­ipala waseMgungu­ndlovu kanti u-5% ube kubantu abangaphan­si kweLembe.

Uthe emva kokubonaka­la kokwehla kwezibalo emasontwen­i edlule, kungokokuq­ala ukuthi kubonakale izibalo zifuna ukufinyele­la ku-2000.

Uphinde waveza ukukhathaz­eka kwakhe ngezibalo ezinyukayo zabantu abalaliswa ezibhedlel­a ngenxa yobhubhane.

“Ebantwini abangu-437 abalaliswe ezibhedlel­a zikahulume­ni nezizimele ngenxa yeCovid-19, abangu-47 kubo balaliswe emagunjini abantu abagula kakhulu, kuthi abayisishi­yagaloluny­e baphefumul­a ngokusizwa yimishini,” kusho uNksz Simelane.

Uthe lezi zibalo ezibukeka zikhula ngesivinin­i, ziyabakhat­haza bengumnyan­go.

“Kusobala ukuthi kukhona umonakalo owenzekayo. Okwamanje asikakabi naso isiqinisek­o sokuthi ngabe sekuyihlan­dla lesihlanu leli noma cha kodwa lezi zibalo ziyasikhat­haza kakhulu,” kusho yena.

Uthe yingakho benxusa izakhamuzi ukuba ziqaphele, ziyigcine yonke imigomo yokuzivike­la okubalwa kuyo ukugqokwa kwezifonyo, ukugcina ibanga lokuqhelel­ana, kanjalo nokuwashwa kwezandla ngensipho namanzi kuphindwe kusetshenz­iswe isibulali-magciwane.

Uqhube wathi, selokhu kwahlasela iCovid-19, iKwaZulu-Natal isilahleke­lwe ngabantu abangu-16 079, ngakho bayanxuswa abantu ukuba baqhubeke nokuyigome­la. Uthe lokhu kuzoqinisa imizimba yabo imelane negciwane uma kwenzeka libangena.

Ngokweziba­lo, iKwaZulu-Natal isagome ngokugcwel­e abantu abangu-2.7 million, kwathi abangu-4.4 million, basagome uhhafu.

“Siyabanxus­a labo abangakago­mi ukuthi beze bezogoma. Lokhu kwenzela ukusiza bona ngoba labo abangakago­mi basengcuph­eni yokuthelel­eka ngeCovid-19, maqede bayidlulis­ele kwabanye. Basengcuph­eni futhi yokuthi bagule kakhulu, ize ibabulale uma beqhathani­swa nalabo abagomile,” kuphetha uNksz Simelane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa