Ubuholi obusha be-ANC eZululand bufuna ukubuyisa omasipala
UBUHOLI obusha be-ANC bubeke eqhulwini olokubuyisa omasipala kwisifunda sayo iMzala Nxumalo, esihlanganisa izindawo ezingaphansi kwesifunda iZululand. I-ANC ikhethe ubuholi bayo obusha kulesi funda engqungqutheleni esongwe izolo.
USihlalo we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Sibusiso Mhlongo, ukwazile ukugcina isikhundla sakhe. Uhlule ilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Mpumelelo Zulu, nalo ebelisigaqele isikhundla.
Ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule, i-ANC ayizange inqobe nowodwa umasipala kulesi sifunda.
Yalahlekelwa nawumasipala owawuphethwe wuMhlongo, uPhongolo, osuphethwe yi-IFP. Manje ubuholi obusha be-ANC buthi bufuna ukubuyisa labo masipala.
UNobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe bafuna ukusebenza kusakhanya khona ukhetho lohulumeni basekhaya olulandelayo luzobafica sebekulungele ukulwela ukuphatha omasipala.
UNxumalo uhlule obengunobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Zakhele Buthelezi, embangweni wesikhundla.
Exoxa neSolezwe emva kokusongwa kwengqungquthela, uNxumalo, uthe inkinga yokulahlekelwa kwe-ANC womasipala okhethweni lwangonyaka owedlule, ijulile.
“Lena yinkinga ebhekene ne-ANC kuzwelonke. Izibalo zamavoti atholwa yi-IFP okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2016, ziyafana nezitholwe okhethweni lwangowedlule. Lokhu kukhombisa ukuthi i-IFP ayizange isiphuce amavoti, kodwa abavotela i-ANC bavele bakhetha ukuduba ukhetho.
“Yingakho i-IFP yagcina ithola inqwaba yomasipala.”
UNxumalo uthe ukhetho lohulumeni basekhaya olulandelayo luzobafica sebekulungele ukugadulisana ne-IFP.
Ngaphandle kwalokho uNxumalo uthe bazogxila ekwakheni kabusha i-ANC.
Engqungqutheleni kubonakale abantu abasha kuyibo abaningi kwabaqokelwe esigungwini esiphezulu kwi-ANC esifundeni.
Abaholi be-ANC Youth
League abayisikhombisa baqokelwe esigungwini esiphezulu sale nhlangano kwisifunda. UNxumalo, naye owayengumholi we-ANC Youth League, uthe sesifikile isikhathi sokuthi abantu abasha baqokelwe ezikhundleni ezibalulekile kwiANC.
“Uma ubheka abantu abasha yibona abayiningi futhi yibona abayikusasa. Kubalulekile ukuthi abantu abasha banikezwe ithuba lokuphatha.”