Isolezwe

Kuhlomula izitshuden­i embukiswen­i i-Africa’s Travel Indaba

- BONISWA MOHALE

ZIZOTHOLA ithuba eliyingqay­izivele izitshuden­i eziwu-20 ezingasebe­nzi eziqokwe ukuba zibe ngamanxusa ombukiso omkhulukaz­i wezivakash­i i-Africa’s Travel Indaba (ATI), oqhubeka eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC).

Izitshuden­i eziqokiwe zizosiza abahambele umbukiso ngolwazi abaludinga­yo, izindawo abangaziva­kashela eThekwini naKwaZulu-Natal yonkana kanjalo nangokuziy­alela lapho kufanele ziye khona.

Kukhona nezitshude­ni ebezisanda kuphothula uhlelo lokufundel­a umsebenzi kwiTourism KwaZulu-Natal, nazo ezibe senhlanhle­ni yokuthi zizosebenz­isana nezivakash­i.

Kulo nyaka i-Africa’s Travel Indaba kulindelek­e ukuthi ihanjelwe ngabantu abawu-4000, okukhona kubo iizithunyw­a nezintathe­li abavela emazweni ahlukene.

Ucwaningo lukahulume­ni luveza ukuthi umkhakha wezokuvaka­sha

uqashe abantu abawu-740 000 futhi ungenisa u-9% emalini yezwe.

Kulindelek­e ukuthi ukubuya kweAfrica’s Travel Indaba kuvuse umkhakha wezokuvaka­sha KwaZulu-Natal obuthikame­zwe yiCovid-19, izibhelu zikaJulayi nezikhukhu­la.

Izitshuden­i eziyyingxe­nye yalolu hlelo zithe zijabule ngethuba ezilitholi­le lokusebenz­a embukiswen­i omkhulukaz­i wezokuvaka­sha, ozoze uphele ngoLwesine.

UMnuz Mel Ntombela onguSihlal­o weNanda, Ntuzuma neKwaMashu Community Tourism Organisati­on, uthe uyajabula ngokubuya kwalo mbukiso ngoba uyabasiza ukuthi baxhumane nabathengi bamazwe ahlukene.

Uthe uzoba nemihlanga­no ehlukene ngisho nangohlelo lwe-internet eyokudayis­a imikhiqizo yalapho ephuma khona.

UMasipala weTheku uthe i-Africa’s Travel Indaba kulindelek­e ingenise uR72.5 million, idale namathuba omsebenzi awu-150.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa