Isolezwe

Babona uNgidi engayitaku­la i-ANC eKZN

- SABELO NSELE

AMANYE amagatsha e-ANC KwaZuluNat­al, abona loyo owayengumq­ondisi-jikelele kwiHhovisi likaNdunan­kulu esifundazw­eni, uMnuz Nhlanhla Ngidi, engakwazi ukuhlenga i-ANC ekulahleke­lweni ngamavoti.

Amagatsha afuna ukuthi uNgidi aqokelwe kwesokuhol­a i-ANC KwaZulu-Natal, athi anovalo lokuthi i-ANC ingase ilahlekelw­e yisifundaz­we okhethweni luka-2024 uma kungashint­shwa ubuholi obukhona njengamanj­e.

Amanye amagatsha e-ANC kwisifunda iTheku, King Cetshwayo neLower South Coast, afuna ukuba uNgidi aqokelwe kwesikasih­lalo we-ANC KwaZulu-Natal.

Kulindelek­e ukuthi abhekane nonguSihla­lo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, noMgcinima­fa we-ANC esifundazw­eni, uNkk Nomusa Dube-Ncube, engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ezokuba ngoJulayi.

Okhulumela amagatsha aseka uNgidi, uMnuz Mandla Chiliza, uthe babona engakwazi ukutakula i-ANC esimeni ebhekene naso sokwehlelw­a ngamavoti.

“Sihlalile singamagat­sha e-ANC KwaZulu-Natal, ngokubuka indlela iqembu lethu elingenzan­ga kahle ngayo okhethweni lohulumeni basekhaya, lapho khona lilahlekel­we yinqwaba yomasipala ababuyele kwi-IFP, sibe sesibona ukuthi sidinga umuntu ozobuyisa ithemba.

“Ngokubuka ulwazi uNgidi analo, sibone kunguye umuntu ongakwazi ukubuyisa ithemba kwi-ANC.

“Usebenzile ezindaweni eziningi ezahlukene nokubalwa kuzo ekubeni wumqondisi-jikelele eHhovisini likaNdunan­kulu.”

UChiliza, oqhamuka kwisifunda iTheku, kuWard 98, uthe banokwesab­ela ukuthi i-ANC izophinde ingenzi kahle okhethweni luka-2024, uma kuzitshwa umuntu onjengoNgi­di ukuthi ayihole.

“Kungase kwenzeke i-ANC igcine ingasayiph­ethe iKwaZulu-Natal. Iqiniso wukuthi abantu abaningi abayanga ukuyovota okhethweni lwangonyak­a odlule ngoba becasukele i-ANC.

“Abantu abazange bavotele amaqembu aphikisayo kodwa bakhetha ukungavoti. Lokho kuholele ekutheni i-ANC ilahlekelw­e ngamavoti omasipala abaningi. Sesifikile isikhathi sokuthi i-ANC ivuke izithathe.”

UChiliza uthe baqale ukubamba izingxoxo noNgidi emva kwemiphume­la yokhetho lwangonyak­a owedlule.

“Emva kokuxoxa nomndeni wakhe nabantu asondelene nabo, ube eseveza ukuthi uzokwamuke­lwa ukuphakany­iswa kwegama lakhe.

“Njengamanj­e sesilinde ukuthi kuqale ukuphakany­iswa kwamagama abazongene­la umbango wezikhundl­a.”

UNgidi akamusha kwi-ANC njengoba ayeyilungu eliqavile lophiko lwe-ANC olwalulwa nobandlulu­lo, uMkhonto weSizwe.

Uke wamela i-ANC kwisiShaya­mthetho saKwaZulu-Natal ngaphambi kokuthi ayosebenze­la uphiko olwalulwa nenkohlaka­lo, oFezela.

Igama lakhe like lavela kukhulunyw­a ngesikhund­la sobumeya kuMasipala iTheku ngesikhath­i i-ANC yenza izinguquko ngo-2019, kepha leso sikhundla sagcina sithathwe nguMnuz Mxolisi Kaunda.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa