Isolezwe

Umndeni usucabanga ukungcwaba umlenze isidumbu singathola­kali

- KHULEKANI MASEKO

AWUKWAZI okumele ukwenze umndeni, osathole umlenze kuphela welungu lawo osagcinwe emakhazeni njengoba kukholakal­a ukuthi isidumbu sawo esiphelele singaphans­i kwemfucuza embondelan­e kuguguleka izindlu nezihlahla ngesikhath­i sezikhukhu­la ezibonakal­e KwaZulu-Natal emasontwen­i ambalwa edlule.

UNksz Nonhlanhla Miya

(56) waseWyeban­k, eThekwini, ongowokuda­buka e-Eastern Cape, kuthiwa wayesemzin­i wakhe okuyo le ndawo nomzukulu wakhe, uSisanda Miya (6) ngesikhath­i indlu abahlala kuyo igugulwa yizikhukhu­la. Emva kwamasonto amabili bethungath­wa, amalungu omphakathi athola isidumbu somzukulu nomlenze abakholwa wukuthi ngokaNksz Miya.

Udadewabo kaNksz Miya, uNksz Nomvano Mbanjwa, ekhuluma neSolezwe izolo, uthe umndeni usadidekil­e ukuthi uqhubeke nokufihla umlenze kuphela njengoba umzimba kadadewabo ungakathol­wa.

“Siyakholwa ukuthi isidumbu sikadadewe­thu sivaleleke ngaphansi kwemfucuza, eduze kwalapho kwatholaka­la khona isidumbu somzukulu wakhe nalesi sitho sakhe somzimba.

“Inkinga wukuthi ngaphezulu kugcwele izingodo ezinkulu nenhlabath­i enamatshe. Amalungu omphakathi asilekelel­ayo asembe adela kodwa kulukhuni ukususa imfucuza,” usho kanje.

Uthe kuze kube manje alukho usizo abaluthola­yo kubatakuli, sebecele bancama befuna okungenani umshini wokumba kususwe imfucuza. Uveze ukuthi likhona iphunga elizwakala­yo elenza ziqine izinsolo zokuthi nebala kukhona izidumbu ezingaphan­si kwemfucuza embondelen­e emhosheni osesebeni lomfula iMolweni.

Uthe uma sebehlanze ngedela, kuyobaphoq­a ukuthi bangcwabe umlenze njengoba kuseyiyona nto abanayo.

Echaza ngokuthola­kala komlenze, uthe ngesikhath­i kumatasa kuthungath­wa, indodana yakhe yazithela phezu kwawo okuthiwa uhlukane nomzimba womnikazi kusuka ethangeni, okuthe uma bewubheka kwaba nezimpawu umndeni ozifanisay­o ukuthi ngowelungu lawo.

Injulabuch­opho kwezomland­o namasiko, uMnuz Ndabe Myeza, ithe ezimweni lapho umndeni uthola kuphela isicubu esithile selungu lawo, uyasithuna ngendlela ejwayeleki­le.

“Ngisho ngabe umndeni uthola ugebhezi lwekhanda kuphela, luyathunwa, ungalufaka ngisho ebhokisini lezingane. Kuyothi uma kwenzeka uthola ezinye izitho ngokuqhube­ka kwesikhath­i, nazo okuqinisek­isiwe ukuthi ngezelungu lawo, zimbelwe phezu kweliba okuthunwe kulo ezokuqala ukugwema ukuthi umuntu oyedwa abe namaliba amaningi,” usho kanje.

 ?? ?? NONHLANHLA MIYA
NONHLANHLA MIYA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa