Akubathusi ukuhhewulwa kukaRamaphosa kugujwa olwabasebenzi
UMENGAMELI weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, uthe amalungu alo mfelandawonye azonquma ukuthi ayaqhubeka nokuba yingxenye yamadlelandawonye ne-ANC noma bayaphuma.
UNksz Losi uthe okwenzeke emcimbini wokugubha uSuku lwaBasebenzi ngeSonto, eNorth
West, kuhhewulwa uMengameli Cyril Ramaphosa ogcine engayithulanga inkulumo yakhe, akubathusanga ngoba abasebenzi badiniwe.
Uthe abasebenzi badinwe yizinto eziningi okubalwa ingwiji eyashaywa wuhulumeni ungasafuni ukuqhubeka nokukhokha ngokwesivumelwano esasayinwa nezinyunyana sokunyusa amaholo abasebenzi bakahulumeni.
“Okwenzeke eNorth West, kube kuhle kwenzeke ukuze abasebenzi baveze ilaka lwabo.
Siya engqungqutheleni yeCosatu ngoSepthemba nonyaka, amalungu azonquma ukuthi asafuna yini ukuqhubeka nokudlelana ne-ANC. Abaholi abayokhethwa kule ngqungquthela, yibona abayoqinisekisa ukuthi izinqumo ezithathiwe, ziyafezeka,” kusho uNksz Losi ekhuluma kwithelevishini izolo.
Uthe akubona abaholi beCosatu abanqumayo ukuthi baqhubeke babe yingxenye ye-ANC neSACP, kanjalo neSanco. URamaphosa kudingeke aphume esephelezelwa ngamaphoyisa nabaqaphi kulo mgubho emva kokuba abasebenzi bethe akahambe, abafuni ukuthi akhulume.
Abasebenzi bemayini iSibanyeStillwater, baqale bakhala ngokuthi bafuna ukunyuselwa amaholo ngoR1 000 njengoba sebebe sesitelekeni izinyanga ezintathu.
Abaqashi bathi abanayo imali, bangakwazi ukunyusa amaholo ngoR800. URamaphosa uzamile ukukhuluma nabo ethi uyazazi izikhalazo zabo futhi uzoqinisekisa ukuthi uyazidlulisela. Noma esesho njalo, ezama ukudambisa umoya nakwabanye abasebenzi bezinye izinyunyana kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
“Ngiyazizwa izikhalazo zenu, ngizozidlulisa phambili. Kulungile ngizohamba,” kusho uRamaphosa.
UNksz Losi uzamile ukudambisa isimo kodwa umsindo waqhubeka.
Uthe akakholelwa ekutheni abasebenzi abaphazamisile emcimbini ukuba bathathelwe izinyathelo.
Okhulumela iSACP, uDkt Alex Mashilo, uthe abasebenzi bekumele badinwe ngoba uhulumeni wabajikela esiswini njengotshwala ngesivumelwano samaholo owawusisayinile.
Uthe lolu daba baluxoxa bengamadlelandawonye, wathi bakuveza ukuthi lokhu okwenziwa wuhulumeni kuzowushaya.
“Ngempela kwenzekile okhethweni lwangonyaka odlule, i-ANC yehlelwa ukwesekwa.
“Namanje kwenzeke okufanayo, abasebenzi baveza ilaka labo ngokuthi bahhewule umengameli. Abasebenzi badinwe bayaveva ngakho bazoqhubeka baveze ukucasuka kwabo.”
Enye yezinyunyana ezinkulu ngaphansi kweCosatu, iSadtu, iziqhelelanisile nokwenzekile, yagxeka abaphazamise lo mcimbi ogcine ngokubhuntsha.