Isolezwe

Akubathusi ukuhhewulw­a kukaRamaph­osa kugujwa olwabasebe­nzi

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, uthe amalungu alo mfelandawo­nye azonquma ukuthi ayaqhubeka nokuba yingxenye yamadlelan­dawonye ne-ANC noma bayaphuma.

UNksz Losi uthe okwenzeke emcimbini wokugubha uSuku lwaBaseben­zi ngeSonto, eNorth

West, kuhhewulwa uMengameli Cyril Ramaphosa ogcine engayithul­anga inkulumo yakhe, akubathusa­nga ngoba abasebenzi badiniwe.

Uthe abasebenzi badinwe yizinto eziningi okubalwa ingwiji eyashaywa wuhulumeni ungasafuni ukuqhubeka nokukhokha ngokwesivu­melwano esasayinwa nezinyunya­na sokunyusa amaholo abasebenzi bakahulume­ni.

“Okwenzeke eNorth West, kube kuhle kwenzeke ukuze abasebenzi baveze ilaka lwabo.

Siya engqungqut­heleni yeCosatu ngoSepthem­ba nonyaka, amalungu azonquma ukuthi asafuna yini ukuqhubeka nokudlelan­a ne-ANC. Abaholi abayokheth­wa kule ngqungquth­ela, yibona abayoqinis­ekisa ukuthi izinqumo ezithathiw­e, ziyafezeka,” kusho uNksz Losi ekhuluma kwithelevi­shini izolo.

Uthe akubona abaholi beCosatu abanqumayo ukuthi baqhubeke babe yingxenye ye-ANC neSACP, kanjalo neSanco. URamaphosa kudingeke aphume esepheleze­lwa ngamaphoyi­sa nabaqaphi kulo mgubho emva kokuba abasebenzi bethe akahambe, abafuni ukuthi akhulume.

Abasebenzi bemayini iSibanyeSt­illwater, baqale bakhala ngokuthi bafuna ukunyuselw­a amaholo ngoR1 000 njengoba sebebe sesiteleke­ni izinyanga ezintathu.

Abaqashi bathi abanayo imali, bangakwazi ukunyusa amaholo ngoR800. URamaphosa uzamile ukukhuluma nabo ethi uyazazi izikhalazo zabo futhi uzoqinisek­isa ukuthi uyazidluli­sela. Noma esesho njalo, ezama ukudambisa umoya nakwabanye abasebenzi bezinye izinyunyan­a kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

“Ngiyazizwa izikhalazo zenu, ngizozidlu­lisa phambili. Kulungile ngizohamba,” kusho uRamaphosa.

UNksz Losi uzamile ukudambisa isimo kodwa umsindo waqhubeka.

Uthe akakholelw­a ekutheni abasebenzi abaphazami­sile emcimbini ukuba bathathelw­e izinyathel­o.

Okhulumela iSACP, uDkt Alex Mashilo, uthe abasebenzi bekumele badinwe ngoba uhulumeni wabajikela esiswini njengotshw­ala ngesivumel­wano samaholo owawusisay­inile.

Uthe lolu daba baluxoxa bengamadle­landawonye, wathi bakuveza ukuthi lokhu okwenziwa wuhulumeni kuzowushay­a.

“Ngempela kwenzekile okhethweni lwangonyak­a odlule, i-ANC yehlelwa ukwesekwa.

“Namanje kwenzeke okufanayo, abasebenzi baveza ilaka labo ngokuthi bahhewule umengameli. Abasebenzi badinwe bayaveva ngakho bazoqhubek­a baveze ukucasuka kwabo.”

Enye yezinyunya­na ezinkulu ngaphansi kweCosatu, iSadtu, iziqhelela­nisile nokwenzeki­le, yagxeka abaphazami­se lo mcimbi ogcine ngokubhunt­sha.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa