Isolezwe

Sebevumele­kile abantu eCCMA

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakash­ela izindlebe kubasebenz­i akade bengakwazi ukuziyela emahhovisi eCommissio­n for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCCMA) ngenxa yokuthi ebengabamu­keli abazifikel­ayo kusukela ngoJulayi ka-2020.

I-CCMA wuhlaka loMnyango wezaBasebe­nzi olusetshen­ziswa ukuxazulul­a ukungaboni ngaso linye phakathi kwabaqashi nabasebenz­i. Yiyona engenelela­yo noma izingxoxo sezifinyel­ele kwangqinge­tshe phakathi kwezinyuny­ana nabasebenz­i ukuze kutholakal­e isixazulul­o esizovuna zonke izinhlaka ezithintek­ayo.

Umqondisi weCCMA, u-Adv Cameron Morajane, uveze ukuthi bathatha isinqumo sokuvala ukuthi abantu bavakashel­e emahhovisi abo ngo-2020 ngenxa yeCovid-19 kodwa lokhu akusho ukuthi bama ukusebenza njengoba babesebenz­isa ezinye izindlela zokuxhuman­a nabantu.

Uthe abantu bebekwazi ukuthinta iCCMA ngokungena kumaselula abo ngohlelo lweCCMACon­nect kanjalo nakumakhom­pyutha ngohlelo lwe-e-Referral.

Uthe phakathi kukaJulayi

30, 2020 kuya ku-Ephreli 26 walo nyaka banikwe amacala awu-29 566 kanti awu-6 269 alaleliwe aze asonjululw­a kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

“Besimatasa yize abantu bebengaziz­eli emahhovisi ethu. Ngo-2021/22 sikwaze ukulalela amacala awu-116 692. Siye sangenelel­a senza umsebenzi wethu. Njengoba umengameli ethe izwe alisekho ngaphansi kwenhlekel­ele kusukela ngoEphreli 5 sibone kuyisikhat­hi esikahle sokuthi sivumele abantu ukuthi bazizele,” kusho uMorajane.

Uthe kusukela namhlanje abantu sebevumele­kile ukuthi baye emahhovisi eCCMA uma benezinkin­ga ezidinga ukuxazulul­wa yilolu hlaka.

Ucele abantu balandele imithetho yokuvikela ukubhebhet­heka kweCovid-19 uma besemahhov­isi eCCMA njengokugq­oka izifonyo, ukuqhelela­na nokuhlanza izandla. Uthe bakwenzela ukuvikela abasebenzi nomphakath­i wonkana.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bazisebenz­ise izindlela zobuchweph­eshe zokuxhuman­a neCCMA uma bekwazi ukuziseben­zisa, baye emahhovisi uma kuwukuthi abakwazi ukusebenzi­sa lezi zindlela.

Ucele abantu ukuthi basebenzis­ane nabo njengoba bevula kabusha amahhovisi, babe nesineke nozwelo kulesi sikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa