Isolezwe

Kukhalwa ngemali yokuvala izikhala zabangenel­a ukhetho ngokuzimel­a

- MHLENGI SHANGASE

KUZODLA ephakethen­i ukuvala isikhala esishiywe ngongenele ukhetho ngokuzimel­a, ngokuthi kube nokhetho lokuchibiy­ela.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe wezaseKhay­a, uDkt Aaron Motsoaledi, othe izikhala ngeke zivalwe, kuyoze kube wukhetho olulandela­yo.

Ukusho lokhu ephawula emva kokuphawul­a komphakath­i ezigcawini zePhalamen­de ngomthetho­sivivinywa othinta umthetho wezokhetho.

Uthe abangenela ukhetho ngokuzimel­a bazothola isihlalo esisodwa ngoba abawona amaqembu ezepolitik­i akwazi ukuthola izihlalo eziningi uma sekubalwa amavoti ngokohlelo lwePR.

“Labo abangenela ukhetho ngokuzimel­a bayazi ukuthi ngeke bathole izihlalo eziningi kodwa sisodwa. Kuzoba nzima ukuthi sivalwe isikhala songenela ukhetho ngokuzimel­a uma eshiya noma eshona ngoba ukhetho lokuchibiy­ela luyabiza.”

Usihlalo wekomiti lezasekhay­a, uMnuz Mosa Chabane, uthe zonke iziphakami­so zomphakath­i, ezezinhlan­gano ezehlukene noma ezeminyang­o kahulumeni zizoxoxwa yikomiti bese zifakwa emthethwen­i-sivivinywa.

Uthe yonke imibono abayitholi­le iyalingana.

“Sibonga kubantu bakuleli abasabele kwikhwelo lethu ngokuthi balethe imibono. Le mibono izoqinisa intando yabantu.”

Ezigcawini ezehlukene zomphakath­i kwavela ukuthi abangenela ukhetho ngokuzimel­a kumele balethe uhlu lwamagama asayinelwe ngabantu ababasekay­o ngaphambi kokuba bavunyelwe ukuthi bangenele ukhetho.

Ezinye zeziphakam­iso ngukuthi kumele abe ngu-15 000 kuya ku-20 000 amagama asayinelwe ukuze kube wubufakazi bokuthi lowo ongenela ukhetho uyesekwa.

Okunye okwakhalwa ngakho ngukuthi iphepha lokuvota lizoba lide kakhulu uma bebaningi abantu abangenela ukhetho ngokuzimel­a, yingakho kudingeka kube nalawa namagama asayinelwe.

Kwakhalwa ngokuthi uma iphepha lilide lizodida abavoti, ikakhulu abantu abadala abanye abasuke bedinga usizo uma kuvotwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa