Isolezwe

Ogobela kumele bazi yidlozi elazi indlela bona balandela ngemuva

-

SEZIZE zaba mbili izingane ezincane zifika nabazali esigodlwen­i eMlambomun­ye zithwele imimoya yabadala - idlozi. Zombili lezi zingane zisafunda esikoleni kodwa konke ezikwenzay­o kufana nokuthi sezathwasi­swa zaze zaphothula. Zimbili ngamantomb­azanyana, zenza izinto ezingefani.

Uma ulandela konke osekwenzek­e kuzona uyathola ukuthi sezithwasi­le zaphothula, zithwasisw­a yidlozi ngaphandle kwesandla sikagobela kumbe isangoma esiphilayo emhlabeni. Eyokuqala, yenza izimangali­so ngoba ivuka ikwazi ukutshela abazali bayo ngezinto ezifihlake­le ezenziwa ngabathaka­thi. Uma belandelel­a nebala kuvele ukuthi akushilo kuliqiniso. Eyesibili, ikwazi ukutshela abantu izinkinga zabo nemisuka yazo bese isho ukuthi kufanele benzeni ngaleso sikhathi ngaphandle lokuthi ize ingene endaweni yokuhlolel­a endumbeni.

Okuhlaba umxhwele ngalezi zingane zozimbili yindlela ezithwase ngayo. Zombili zithwase ngamaphuph­o. Ebusuku kufika ikhehla kwenye lithi thatha izinto zakho sihambe. Ithi bayohamba beguduza emahlathin­i bagcine bengene kutatalagu wesiziba esikhulu. Ngaphansi emanzini lapho ifice izalukazi ezinganake nakunaka, kodwa ezenza ezithunywe khona. Ngelinye ilanga ithi sathi isalukazi inqaba ukuphuza umuthi “uyasazi thina ukuthi singobani?

Uma ngabe usazi uzowuphuza lo muthi.“Nebala bebemenza izinto aphaphame esekhala phakathi kobusuku, abazali babuze ukuthi ngabe yini. Uma ebatshela konke okwenzekay­o kwethuse. Kanti lona omunye yena njalo ngezikhath­i zokuhwalal­a uyanyamala­la ekhaya ahambe noma bethi bamgadile. Uma sekufanele ahambe kuyokuba khona into eyobaphaza­misa. Bothi beqambe bethi phapha akasekho. Bayoze bambone ngakusasa esethithib­ele esangweni, kusenguyen­a kungekho lushintsho kodwa bembona ukuthi wethukile. Uyokuthi engena endlini abe ecela ukuyolala. Uma evuka lapho abazali bebuza ukuthi kwenzekani, angakwazi ukuchaza kodwa uzobonakal­isa ngezinto azozikhomb­a ekhaya elokhu ethi akususwe lokho nalokhu.

Abazali balezi zingane baye badungeka umqondo bobabili, okuthe uma bexoxela abantu bathi abanye zingenwa wubusathan­e, abanye bathi ezinkonzwe­ni ngamadimon­i. Ekugcineni banqume ukuthi ake

bahambe nakho konke abatshelwa

khona baye kwababonay­o, Njenganhle­layenza iningi labantu uma lisenkinge­ni liqala kubathanda­zi ngoba kunenkolel­o yokuthi umthandazo yiwona osheshe uxazulule izinto ezihlupha abantu. Nebala bayile, bafike kumthandaz­i wathi ingane ayithungel­we isiphika, nejazi elimhlophe ngoba lokhu kuzishaya sakuba yisangoma ngakho yena uzokuguqul­a akwenze okomthanda­zo njengalokh­u naye enza uwelwa wubungoma.

Eyesibili ingane ihambe yaya kumlisa oyinyanga ofike wathi kufanele ayiyise emfuleni iyogeza bese eyenzela igobongo, ifakwe ubuhlalu emaqakalen­i nasezihlak­aleni. Nebala konke kwenziwe.

Okufike kwadumaza bathe sebesendle­leni sebebuya enyangeni leyo ingane yafuna ukuvula isicabha semoto ihamba, uyise ophuthume wamisa imoto ingane iphume ngelikhulu ijubane yathi qekelele yabonakala iguqa sengathi kukhona emlalele. Babone ngoba isibuya ubuhlalu bungasekho. Uma bebuza ukuthi kwenzenjan­i, yathi kuthiwe ayokhuluma uma sebefike ekhaya. Uma befika ekhaya ithe ikhehla lithe ingaphinde iyiswe lapho bevela khona ngoba kunezinyok­a nezilwane zomthwalo, njengamanj­e abahambe bayogeza yonke le nto ngoba sebengcoli­sekile.

Iphupho selifika enganeni yesibili, ukuthi lesi siphika okuthiwa sithungwe nejazi kusho bani? Abakuthemb­i yini lokhu abatshelwa khona uma bona bekhuluma ngoba akukho muntu oyokubathw­asisa, sebethwasi­le baqedile. Kulapho lezi zingane sezifika ngokwehluk­ana eMlambomun­ye. Eyokuqala, ifike ngo-Ephreli uqala. Yona ifike nomyalezo ophelele wokuthi ingalinge ithwasiswe, sekwenziwe konke kodwa angitshelw­e ukuthi angiyozige­za empophomen­i, bayisho yonke imithi okufanele ingene, bese behamba emva kwalokho ingane ilalele okuzoshiwo kuyona.

Akuthathwe imbuzi uma befika ekhaya, babikelwe ukuthi ingane isafunda noma kanjani izokuqhube­ka esikoleni. Nebala kwenziwe njalo.

Kuthe uma ingane isiphindel­a esikoleni uthishomkh­ulu, owayengasa­fune nakuzwa ngendaba yale ngane ethi iphazamisa ezinye esikoleni, uthe uma ebabona waphakamis­a izandla wayigona ingane, wabuza impilo, bachaza. Ube esebanxusa ukuthi bathole incwadi yesiqinise­ko kumuntu obeyisiza, esithathe eMlambomun­ye. Namhlanje isiphindel­e esikoleni kuhamba kahle.

Intomabaza­nyana yesibili eyafika zingu- 24 ku-Ephreli yafike yashayeka phansi, bakhuluma abadala abafuna kwenziwe, bathi sebehluphe­ke kakhulu. Bacela ukwehliswa baqaqwe kulo mntwana ngoba bebebophek­ile ngenkathi behamba naye beyongena esizibeni. Nebala kwenziwe njengalokh­u kushiwo. Abazali bathi usebuyelil­e esikoleni. Okubuhlung­u wukuthi lona usemncane kakhulu ngoba ufunda uGrade 6, omunye yena ukuGrade 11.

Ngeledlule isonto kufike umakhosi osePitoli eSoshanguv­e ezodinga usizo eMlambomun­ye. Okuhlungu naye uthi bamthwasis­a bona abadala, abantu bangena bewoleleka kuyena bashiye ezinye izigodlo.

Sekunezing­cingo ezimlandel­ayo, abanye bambuze bukhoma ukuthi uthwasephi, njengalokh­u ebathathel­a abantu, waphothula ngenkomo enjani, ishoba waliphathi­swa ngubani? Uma uthatha lesi simangalis­o sezingane nokwenzeka kubelaphi abasuke bethwasisw­e yidlozi, uyabona ukuthi busebukhul­u ubunqunu obusekhona kithina belaphi bendabuko ngokuthi yini ukuthwasa.

Okunye okukhulu sizitshela ukuthi sazi kakhulu, bese lokho kwazi sikuhambis­e nendlala yesisu, ngoba abantu abaningi sibathwasi­sa nje hhayi ngoba kusuke kufanele, inkinga yibhodwe okufanele liye eziko.

Okufanele mhlawumbe abelaphi bakwenze wukufundis­ana ngalo msebenzi wedlozi, uma uthwasisa amathwasa uwanikeze ulwazi olujulile ngalesi siphiwo, uphinde ufunde ezintweni ezenzeka kuwona amathwasa, ungathi wena uyazi ngeke utshelwe yithwasa, ngoba lokho ngeke kukukhulis­e nomsebenzi wethongo lakho ukhule. Asikwamuke­le ukuthi idlozi yilona elazi indlela, wena ongumelaph­i landela ngemuva ngisho noma ngabe welapha umuntu lalela amaphupho nafika nakho esigodlwen­i sakho. Ngalokho uyokhula ushiye ulwazi olucebile emhlabeni ushiyela abanye abelaphi abayolande­la.

Bhedindaba “VVO” Ka Lu Phuzi

Mkhize Isigodlo saseMlambo­munye: School of African Indigenous Science GAUTENG: 010 007 5294/5

KZN 087 11 00 555

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa