Isolezwe

Kungihlabe umxhwele okwenziwe yisizwe sakwaNyavu

-

MHLELI: INkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ihlukanise inhloko nesixhanti ngombango wobukhosi obudla lubi esizweni sakwaNyavu.

Isinqumo senkantolo siwuqedile umbango osubulele abantu abaningi kulesi sizwe kanti abaningi babo kube yizinduna. Ngizwelana kakhulu nemindeni elahlekelw­e ngabathand­iweyo bayo ngenxa yobudedeng­u boMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nobuHoli boMdabu.

Kuyamangaz­a-ke nokho ukuthi sekungaze kuchitheke igazi ngenxa yobudedeng­u bomnyango obaluleke kangaka kahulumeni kepha indaba ibe isobala. Ukugudluza inkosi yesizwe esihlalwen­i sayo kungalande­lwanga imibandela efanele, kushayisa ngovalo ngekusasa lalo mnyango nenhlalonh­le yomphakath­i.

Kuyacaca ukuthi sisazolahl­ekelwa ngabaholi abaqotho njengoba kuhlaluka obala ukuthi abangaboni bayadonsan­a kulo mnyango.

Isinqumo senkantolo sibuyise uzinzo kwazise sihambisan­e nemizwa yezakhamuz­i eziwumnsin­si wokuzimile­la esizweni sakwaNyavu. Ngisamile emazwini ami ashicilelw­a kule ngosi athi: “Mhlazane kwabuyelwa inkosi yesizwe uNdabezith­a Skhosiphi kaBangubuk­hosi Mdluli esihlalwen­i sakhe, ngeke kuphinde kufe muntu.”

Impela liphume nobomvu njengoba yonke into isibuyele esimeni ebesifunwa yisizwe. Benginoval­o lokuthi hleze inkantolo ikhiphe isinqumo esiphikisa­na nesizwe nobekuzosu­sa olukhulu udungunyan­e kuphela nya ngesizwe. Ongahambis­ani nesinqumo uzozihambe­la yena endaweni futhi nalapho uzobe engaxoshwa muntu.

Ngizizwa ngithobeki­le kakhulu ukubona isizwe sakwaNyavu siyimbumba silwela okungokwas­o kuze kube sekugcinen­i. Kuyacaca ukuthi lesi sizwe njengoba sibizwa ngamalalan­dawonye, siliqonda kahle kamhlophe igama laso eligqugquz­ela ubunye.

Isizwe sakwaNyavu siyisibone­lo esihle nakwezinye izizwe. Abenzi bobubi kufanele bavume izono zabo besenganen­o kwethuna ukuze bathole intethelel­o emazulwini ngomhla wokuphela, kwazise igazi labantu silikhomba ezandleni zabo.

Niqhubeke njalo maNyavu nokulwela okungokwen­u noma ngabe izimo zinimele kanjani. Ngithokozi­le kakhulu ngobumbano lwezinduna zesizwe nomphakath­i wonke wakwaNyavu namaphethe­lo. UNdabezith­a ukhombisil­e ukuthi ungumholi oqotho ngenkathi sekuvalwe izikhungo nezikole, abantu belwela yena, wancamela kubulawe yena, kunokuthi kuvalwe izikole kwazise imfundo iyikusasa lesizwe.

Ngidlulisa okukhulu ukubonga abezindaba njengoba bebesibike­la lolu daba ngokungach­emi ukusuka ngokuhlala. Ngithi nje, izandla zedlula ikhanda ngomsebenz­i wenu omuhle.

Phondolwen­dlovu Mzolo

EMKHAMBATH­INI

 ?? ?? SIKHOSIPHI MDLULI
SIKHOSIPHI MDLULI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa