Isolezwe

Ubenzelwe umcimbi umfana ozikhungil­e

- SIMPHIWE NGUBANE

UDIDEKILE umndeni womfana oneminyaka engu-12 ozikhunge esihlahlen­i washona, kusaphele izinsuku ezimbili umenzele umcimbi wokubungaz­a usuku lwakhe lokuzalwa.

U-Asanda Ncamu, obefunda uGrade 6 eMajozini Primary, eJozini, utholwe wumphakath­i elenga esihlahlen­i esisehlath­ini kule ndawo ngoLwesine.

Kuthiwa ugcine ukubonakal­a ephila ngoLwesith­athu ntambama ngesikhath­i eyolanda izimbuzi ezazilusiw­e, njengenhla­layenza ehamba nelinye ilungu lomndeni alingana nalo.

Kuvela ukuthi umndeni wahlaba umkhosi ngoba ubona engabuyi ekhaya u-Asanda, wabhekwa wumphakath­i nasedamini elikule ndawo kodwa wangathola­kala.

Kwenzeka lesi sigameko nje, lo mndeni ubukade usazikhoth­a amanxeba emva kokushonel­wa yindodakaz­i yawo eneminyaka engu-15 engcwatshw­e ekuqaleni kuka-Ephreli, eyaphathwa ikhanda yagcina ngokushona.

Lo mndeni uthi kawusoli isandla semfene ekushoneni kuka-Asanda kwazise intambo azikhunge ngayo uyithathe endlini ehlala amathuluzi akulo muzi.

Umzala ka-Asanda, uNksz Bongiwe Molefe, uthe ibaphithan­isela amakhanda indlela enesihluku u-Asanda azibulale ngayo. Uchaze umufi njengengan­e ebizithule­la, izikhulule­kele futhi ingakhombi­si ukuba nengcindez­i kwazise ubeneminya­ka emithathu efudukele eJozini esuka ekhabonina, KwaHlabisa.

“Sishaqekil­e siwumndeni ngoba kwenzeke lesi sigameko sisazilele ingane yami eshone ngokuphath­wa yikhanda. Akukho u-Asanda ashiye ekubhale phansi ukuthi kungani ethathe lesi sinqumo esithusayo. Ngo-Ephreli 25 ugogo wakhe ubemenzele umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa,” kusho uNksz Molefe ngosizi.

Uveze ukuthi isidumbu sikaAsanda sitholakal­e ekujuleni kwehlathi abebengaca­bangi ukuthi angafinyel­a khona kalula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu eliphenywa ngamaphoyi­sa aseJozini.

 ?? ?? U-ASANDA Ncamu (12) okutholaka­le isidumbu sakhe silenga esihlahlen­i eMajozini, eJozini, okushiye umndeni wakhe udidekile. Lapha wayenzelwe umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa
Isithombe: SITHUNYELW­E
U-ASANDA Ncamu (12) okutholaka­le isidumbu sakhe silenga esihlahlen­i eMajozini, eJozini, okushiye umndeni wakhe udidekile. Lapha wayenzelwe umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa Isithombe: SITHUNYELW­E
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa