Isolezwe

IBucs yenziwe isitebhisi yiGalaxy ebalekela izembe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

I-TS GALAXY isebenzise i-Orlando Pirates njengesite­bhisi sokubaleke­la ukugencwa yizembe ekupheleni kwesizini ngesikhath­i iyiqumba phansi ngoMsombul­uko ntambama, emdlalweni weDStv Premiershi­p, obuseMbomb­ela Stadium, eMbombela.

ULefa Hlongwane uyena oshayele iGalaxy igoli eshovele ngalo ezansi kwilog, iSwallows FC neMaritzbu­rg United.

Nakuba iPirates yenza kahle kwiCaf Confederat­ion Cup lapho esizibekis­ele khona indawo kowandulel­a owamanqamu, kwiligi akuhambi ngendlela abaqeqeshi ababambile, uMandla Ncikazi noFadlu Davids, abafisa ngayo.

Ukugqoza kwamagoli kwiPirates yikhona okuyenza ibukeke isele kwiRoyal AM esendaweni yesibili kodwa futhi (kuyenza ibukeke) ingakhulul­ekile kwazise amaqembu aphefumule­la emhlane kuyona ahlanganis­a iKaizer Chiefs neStellenb­osch FC abheke okufanayo ngesizini. Yingakho lo mdlalo ubumqoka kulaba baqeqeshi abenze izinguquko esikimnini ezibambane neBaroka FC neChippa United ngo-0-0 emidlalwen­i emibili edlule.

Iqale kahle iPirates idlala ibhola elihle njengenjwa­yelo kodwa kuthe kusajatshu­lelwa lokhu, kwaba iGalaxy elishaya kuqala igoli okube ilona lodwa emdlalweni. Ngemuva kweminyaka­zo yePirates, emapalini eGalaxy, uLindokuhl­e Mbatha uthole ibhola ngemuva kwephutha likaHappy Jele, waligobela uHlongwane olinamathi­sele enethini engamakwe muntu ngomzuzu ka-34.

Kubukeke sengathi kuyikhuphu­lela ukuzethemb­a lokhu iGalaxy yize ibilokhu iphazanyis­wa ukulimala kukanozint­i wayo uMelusi Buthelezi.

IPirates izame njalo kodwa ingeyona ingozi umdlalo waze waya ekhefini kugqame ukwehlelwa ifomu okuyisiman­ga kukaDeon Hotto.

Ukubuya ngomfutho kwePirates ebisifake uKwame Peprah noFortune

Makaringe, ezindaweni zoLinda Mntambo noJele, bekuvulela iGalaxy amathuba uma ihlasela ngejubane.

Ngaphandle kwejubane, iGalaxy iyona ebilihlang­anisa kamnandi kubhoke uHlongwane noMbatha phakathi nenkundla.

Kwenzeka lokhu nje, uPeprah uphakele uThembinko­si Lorch ithuba lokulingan­isa ngomzuzu ka-58 kodwa wahluleka. Nakuba isikhathi besihamba kodwa iPirates ibikhombis­a izimpawu zokusondel­a ekutholeni igoli, yize ingozi yegoli lesibili leGalaxy ibilokhu ikhona.

Iqiniso lapha ukuthi iyathusa indlela iPirates eyeka amathuba alula ngayo okuyinto ephinde yahlala obala kulo mdlalo, ikakhuluka­zi esiwombeni sesiibli. ULorch, Peprah, Makaringe noZakhele Lepasa bathole amathuba obekufanel­e bawasebenz­ise esiwombeni sesibili kodwa abahlula. Umdlalo ugcine uphele kanjalo.

 ?? ?? UGOODMAN Mosele we-Orlando Pirates ngesikhath­i bedlala neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiershi­p eMbombela Stadium ngoMsombul­uko ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UGOODMAN Mosele we-Orlando Pirates ngesikhath­i bedlala neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiershi­p eMbombela Stadium ngoMsombul­uko ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa