Isolezwe

ISundowns Ladies ibuye ngembudlu yamagoli kwiSuper League

- UMICHE Minnies ufike kwezwakala kwiMamelod­i Sundowns emsayine kwiVasco Da Gama enqobe imidlalo kazwelonke yeSasol ngesizini edlule

BANYUKELE esicongwen­i kwi-log yeHollywoo­dbets Super League ompetha, iMamelodi Sundowns Ladies, ngokubhudl­uza iGolden Ladies ngo11-0 eTUT Stadium ngempelaso­nto.

U-Andisiwe Mgcoyi nguyena obeyiphela endlebeni eqenjini laseNorth West njengoba ehlohle amagoli amane kulo mdlalo, wazibeka phambili emjahweni wokuba ngumshayim­agoli ovelele.

UMiche Minnies ube ngomunye wabadlali asebeshaye amagoli amathathu emidlalwen­i emibili yokuvula ngokuvalel­a amagoli amabili kulo mdlalo. Washaya igoli elilodwa behlula iMa-Indies ngo-2-1 emdlalweni wokuvula isizini.

Lo mdlali, ojoyine amaSandawa­na esuka kwiVasco da Gama ngaphambi kokuqala kwesizini, uthi usezinze kahle kuleli qembu futhi okwenzeke enkundleni yikona abebekwenz­a ngesikhath­i bezilolong­a.

“Ngijabule kakhulu ngoba bekunzima kodwa umoya siwubeke phansi ngoba besisebenz­e kanzima ngesikhath­i silungisel­ela umdlalo. Kube lula kimina ngoba bengiseben­zisa ijubane lami ukuze ngizibeke endaweni enhle yokushaya amagoli,” kusho uMinnies.

"Kuyajabuli­sa impela ukudlalela ompetha, yiqembu elisezinge­ni elimangali­sayo leli. Njengomgad­li kubaluleki­le ukubhakuzi­sa inethi nokuzibeka ezindaweni ezinhle enkundleni ukuze uvulele abanye ozakwethu amathuba.“

I-JVW yehlele endaweni yesibili kwi-log kodwa isabambene ngamaphuzu ayisithuph­a neSundowns.

Iguqise iMa-Indies ngo-2-0 eGiyani Stadium ngoMgqibel­o ngamagoli amabili ashaywe wuKgadi Mahlaola.

Umdlali wasemuva weJVW, uJanine Van Wyk, uthe ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo kusho lukhulu ngenxa yobunzima ababhekane nabo ngaphambi kokuthi bangene enkundleni.

“Besihlele ukuthi sihambe ngoLwesihl­anu ukuze sifike kusenesikh­athi esanele kodwa uhambo obekufanel­e luthathe amahora amathathu lugcine luthathe ayisikhomb­isa ngenxa yokubambez­eleka obekungali­ndelekile.

"Iqembu lonke belazi ukuthi lizobhekan­a nomqansa kule mizuzu engu-90 ngenxa yokukhatha­la kwemizimba nemiqondo. Besizokuth­okozela ukuhamba nephuzu kodwa senze kahle kakhulu sawunqoba umdlalo," kusho uVan Wyk.

Amanye amaqembu angakawala­hli amaphuzu emidlalwen­i emibili kule sizini yi-University of Johannesbu­rg

(UJ) neThunderb­irds Ladies.

I-UJ idle iVasco da Gama ngo-3-1, iThunderbi­rds yadlula kwiDurban Ladies ngo-1-0.

I-University of Western

Cape neBloemfon­tein Celtic bathole iphuzu iqembu ngalinye ngesikhath­i bebambana ngo-0-0 e-UWC Stadium.

ITshwane University of Technology idlale umdlalo wayo wokuqala kule sizini yavula ngewini ithela phansi abanye omakoti beSuper League, iCity

Lads Ladies, ngo-7-3 eTUT Sports Stadium.

Amaqembu asayibambe emsileni yiGolden Ladies kanye neTsunami Queens, abasagingq­a iqanda ngemuva kokuhlulwa kuyona yomibili imidlalo asebeyidla­lile. Kulokhu iTsunami Queens ibhuquzisw­e yiCoal City Wizards ngo-3-1.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa