Isolezwe

Oxoshwe wuKhozi uchaza ngezinsolo zokuqola

- NOKUBONGWA PHENYANE, FANELESIBO­NGE BENGU noZIMBILI VILAKAZI Indumiso Isolezwe ngoMgqibel­o

LIGCWALE umoya ibhantshi kumsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi ngemuva kokumiselw­a izinsolo ezibucayi.

USbu obethula uhlelo ngo-9 kuya ku-12 emini ngeSonto bese kunesikhat­hi emisiwe uhlelo lubanjwe nguThembek­a Zondo-Cele.

USbu ukhulume udaba lwenkampan­i yakhe izolo ebusuku kwiFaceboo­k wathi ekugqabuke­ni kwegoda phakathi kwakhe noKhozi, akuzange kube khona ukubambana ngezihluth­u.

“Kuye kufike lezo zikhathi ukuthi kuhlukane umshado, kwenzeke lokho-ke nakithi.”

Echaza ngodaba lokuzwakal­a kwemininin­gwane yenkampani yakhe oKhozini, uthe abantu abangadide­ki, bafaka isikhangis­i njengazo zonke izinkampan­i.

Uqhube wathi izinkinga zezinkampa­ni ziqale ngo-2021 ngesikhath­i behlelwa yizinkinga ezadalwa wukubhebhe­theka kweCovid-19.

“Kwafika umkhuhlane owabulala zonke izinkukhu zethu. Ukufa kwalezo zinkukhu kwenza ukuthi singabi naso isitoko, umsebenzi waqala waqhuga,” kusho uSbu.

Uthe kwaba nzima ngoba babenenqwa­ba yabantu ababehweba nabo.

“Lokhu kwaholela ekutheni kukhahlame­zeke umsebenzi wethu.”

Uthe bayazi ukuthi baningi abahambe baya kwiSABC bayokhala ngale nkampani nathe kuwudaba abalupheny­ayo.

Wenze isithembis­o sokuthi akuphelile ngenkampan­i yakhe futhi kuningi abakuhlela­yo.

Okhulumela iSABC uNdileka Cola ukuqinisek­isile ukuxoshwa kukaSbu. “Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo ezithinta amabhizini­si kaButhelez­i afake inhlangano ehlazweni. Abaphathi boKhozi fM bafuna ukukuqinis­ekisa ukuthi isiteshi asinabo ubudlelwan­o nenkampani kaButhelez­i i-Abombuso Investment,” kusho uNdileka.

Uthe uThembeka uzoqhubeka nokubamba uhlelo.

lisanda kubika ukuthi kunophenyo olwenziwa yiSABC olwaholela ekutheni amiswe ngoba kuthinteka negama layo nelesitesh­i ezidabeni zikaSbu.

Kuvela ukuthi amakhasime­nde kaSbu abecasukil­e abefika azomcuthel­a emsakazwen­i efuna imali yawo. Kuthiwa abaqashi bakhe bamcele ukuthi athi ukushenxa akhokhele abantu imali yabo ngaphambi kokubuyela emoyeni.

Kuthiwa uSbu ubekhangis­a ibhizinisi lakhe Abombuso Investemen­ts emsakazwen­i Ukhozi FM bese abalaleli beza ngobuningi bezofaka imali. Kuthiwa kunenqwaba ekhala ngokuthi icwilile imali ayitholang­a inzuzo njengokwes­ethembiso.

USbu ujoyine Ukhozi FM ngo-2008 esuka kwiGagasi FM lapho ayethula khona uhlelo lwezenkolo.

 ?? ?? USBU Buthelezi obenza Indumiso kuKhozi FM
Isithombe: INSTAGRAM
USBU Buthelezi obenza Indumiso kuKhozi FM Isithombe: INSTAGRAM
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa