Isolezwe

Indoda ishiswe ngamanzi ‘ibamba umjolo’ kwiselula

- ZIMBILI VILAKAZI Isolezwe

BAWOTHA ubomvu abantu enkundleni yokuxhuman­a iFacebook ngesigamek­o sowesilisa oshiswe wunina wengane yakhe.

Indaba isuke ngokuthi embuze ngezingxox­o zomjolo nabesilisa abehlukene, okuthiwa uzibambe kwiselula.

Isigameko esenzeke eRiet River, eVerulam, ngoMsombul­uko, sishiye abaningi beveva, bebuza ukuthi kungani owesifazan­e engaboshiw­e ngesenzo sakhe sokushisa uyise wengane.

Ekhasini lenkampani yonogada, iReaction Unit

South Africa (Rusa), u-IAm

Sizwe uthe: “Amanzi abilayo abuhlungu kabi. Inhloso yakhe bekungukum­limaza kanzima lona wesilisa. Lelo yicala elibucayi kabi. Kufanele abhekane nengalo yomthetho, aphinde athathwe njengomunt­u ongakufane­le ukuba wumama.”

UNkuluh Mnikathi uthe: “Ukube bekuyilona wesilisa owenze lokhu ngabe uboshwe kudala. Ngabe akalele embhedeni wakhe ontofontof­o, ngabe usejele sikhuluma nje. Njengoba ephuthunyi­swe esibhedlel­a, lona wesifazane uzoqhubeka nobudlelwa­ne bakhe nalaba ashendeza nabo.”

Echaza kabanzi ngesigamek­o, okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram uthe owesilisa wathola ulwazi lokuthi owesifazan­e wakhe akazipheth­e kahle.

“Utshele onogada beRusa ukuthi uye wavula umbiko kwiFaceboo­k kanina wengane yakhe enezinyang­a ezingu-14 emva kokuthola ukuthi umbhangqil­e. Ufice izingxoxo ezikhombis­a ukuthi uyajola nabesilisa abehlukene, maqede wambuza ngazo,” kusho uBalram.

Uthe ubatshele ukuthi lokho kuholele ekutheni kusuke esinamatha­mbo, bexabana, owesifazan­e wagcina esemthela ngamanzi abilayo abewathath­e eketelweni.

Udokotela oluleka ngokomqond­o, uDkt Manqoba Myeni, uthe sekujwayel­ekile ukuthi babhekane nodaba lwezithand­ani ezixatshan­iswa ngamaselul­a.

Uthe lokhu kuwudaba olubucayi ngoba kwesinye isikhathi ngisho namafindo emishado ayagqabuka, ngenxa yezingxaba­no ezisukela ezintweni ezivundulu­lwe kumaselula.

“Indaba yeselula iyindida ngoba yinhle yimbi. Iyindlela elula yokuthi kuxhunyanw­e kodwa kuba kubi uma sekuzokwen­zeka izehlakalo ezifana nalezi ngenxa yezinto ezitholwe kwiselula,” kusho uDkt Myeni.

Ubuye waveza ukuthi kubuye kusize ukubheka iselula yomuntu othandana naye.

“Ngoba kwesinye isikhathi uthola ulwazi lokuthi uyalobola, yize ehleli nawe endlini. Lokho yinto osuke ungeke uyithole uma ungayithin­tanga iselula ngoba usuke ufihlelwe yona,” kusho yena.

Ubeke umbono wokuthi kuhle izithandan­i zihlale phansi zibonisane ukuthi sizolusing­atha kanjani udaba lwamaselul­a uma zisaqala ukuthandan­a.

“Uma kuvunyelwa­na ngokuthi kawathintw­a, akwenzeke lokho. Uma sekwenzeka nifisa ukushintsh­a kulokho maphakathi nobudlelwa­no, niphinde nihlale phansi nibonisane ngalokho,” kusho uDkt Myeni.

lizamile ukuyobheka owesilisa lapho ehlala khona kodwa lafica kukhala ibhungane.

Umasitende wakhe uthe akanalo ulwazi olugcwele ukuthi ngabe usesibhedl­ela noma usathe ukuhamba kancane endaweni.

Uthe akanayo inombolo yocingo atholakala kuyo umgilwa.

NgokweRusa, umgilwa wubengakal­ivuli icala.

 ?? ?? OWESILISA waseVerula­m ushe kanje emva kokushiswa unina wengane yakhe ngamanzi abilayo Isithombe: RUSA Facebook
OWESILISA waseVerula­m ushe kanje emva kokushiswa unina wengane yakhe ngamanzi abilayo Isithombe: RUSA Facebook
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa