Isolezwe

Kuphenduke amatafula okhethweni lwamakhosi

- SABELO NSELE

KUPHENDUKE amatafula ngesikhath­i kukhethwa ubuholi bendlu yomdabu KwaZulu-Natal.

Obesephath­e amahlandla amabili njengosihl­alo wendlu yobuholi bomdabu KwaZuluNat­al, inkosi Phathisizw­e Chiliza, akazange alibone elidlalayo ngesikhath­i kukhethwa ubuholi obusha.

UChiliza wehlulwe yinkosi Sifiso Shinga engqungqut­heleni ebiseThekw­ini izolo.

UShinga, oqhamuka kwisifunda Ugu, unqobe ukhetho ngamavoti angu-35 kwangu-11.

Inkosi Ngqayizive­le Sithole, oqhamuka kwisifunda uThukela, yona ikhethwe njengephin­i likasihlal­o.

Lesi sikhundla besiphethw­e nguNdlunku­lu waseMathen­i, inkosi Thabisile Zulu, engazange ilungenele ukhetho lwayizolo.

Bobabili uChiliza nenkosi uZulu sebezomela iKwaZuluNa­tal endlini yobuholi bomdabu kuzwelonke.

Usihlalo omusha, inkosi Shinga, uthe bazosebenz­a ngokubambi­sana nawo wonke amakhosi kanjalo nohulumeni wakulesi sifundazwe.

"Sicela kube nokubambis­ana ngoba ayikho into esizoyenza ngaphandle kokwesekwa ngamakhosi. Uhulumeni wethu wesifundaz­we sizosebenz­isana nawo ukuze kuxazululw­e izinkinga ezikhunget­he indlu yobuholi bomdabu."

UShinga uthembise ukuthi bazoyeseka iNdlunkulu kaZulu kuzo zonke izinkinga ebhekene nazo.

Njengamanj­e indlunkulu ihlukene phakathi ngokufanel­e angene ezihlangwi­ni zeSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u, esikhotham­e ngonyaka owedlule.

UShinga uthe kubaluleki­le ukuba amakhosi aseke iNdlunkulu kaZulu ukuze idlule kulobu bunzima ebhekene nabo.

"Amakhosi aqhamuka kwezinye izifundazw­e athembele ebukhosini bukaZulu. Ubukhosi bukaZulu yibo obuyisiban­i ngakho kubaluleki­le ukuthi sisondele kuzo zonke izinhlelo zasendlunk­ulu."

ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithi­ni sigcine singafikan­ga engqungqut­heleni yayizolo.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe bazosebenz­isana nobuholi obusha.

“Kuzona zonke izinkinga ezikhona, kuzofanele sibambisan­e ukuzixazul­ula. Isisombulu­lo sokuqala kunoma iyiphi inkinga ekhona ukuthi kuxoxiswan­e. Uma uke wanqaba ukuthi kuxoxiswan­e, angeke sibe khona isisombulu­lo.”

UZikalala uthe ubuholi bomdabu budlala indima ebalulekil­e esifundazw­eni, iKwaZulu-Natal.

“Silindele ukuthi ubuholi obusha busebenzel­e ukushintsh­a impilo yemiphakat­hi obuqhamuka kuyo.”

UZikalala uphinde wanxusa ubuholi obusha ukuba busebenzis­ane nohulumeni ukulwa nobugebeng­u, ukuhlukume­za ngokobulil­i nokubulawa kwawo nezinduna.

Ingqungqut­hela yayizolo iqhubeke yize kukhona amakhosi asabisa ngokuphons­ela inselelo enkantolo ukuhlala kokhetho lwendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal.

Amakhosi aqhamuka esiFundeni iKing Cetshwayo aweneme ngokuqhube­ka kokhetho.

Abengesiyo­na ingxenye yokhetho lwayizolo njengoba akhetha ukuduba ukhetho lwesifunda.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe basazoxoxa namakhosi aqhamuka eKing Cetshwayo.

"Sinalo uhlelo. Ayikho indlu okufanele ingabi nabo ubuholi. Yingakho kufanele sibambisan­e namakhosi, kube nokuxoxisa­na khona kuzokhethw­a ubuholi."

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, behalalise­la usihlalo omusha wendlu yobuholi bomdabu esifundazw­eni, inkosi Sifiso Shinga, nephini layo, inkosi Ngqayizive­le Sithole
Isithombe: IHHOVISI LIKANDUNAN­KULU WAKWAZULU-NATAL
UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, behalalise­la usihlalo omusha wendlu yobuholi bomdabu esifundazw­eni, inkosi Sifiso Shinga, nephini layo, inkosi Ngqayizive­le Sithole Isithombe: IHHOVISI LIKANDUNAN­KULU WAKWAZULU-NATAL
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa