Izihola phambili iKZN ekukhulelweni kwabafundi
IZIHOLA phambili iKwaZuluNatal ngezibalo zabafundi abakhulelwe bebancane ezikoleni njengoba kuleli kukhulelwe abangu-90 037 phakathi kukaEphreli nyakenye noMashi kulo nyaka.
Lezi zibalo zidalulwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ephendula umbuzo welungu leDA, uNkk Désirée Van Der Walt ePhalamende.
Ubebuze ukuthi mangaki amantombazane aphakathi kuka-10 no-19, akhulelwe ezikoleni zakuleli natholayo usizo ukuqhubeka nokufunda.
UNkk Motshekga uveze ukuthi iKZN yiyona enesibalo esiphezulu samantombazane ano-10 kuya ku-19 abeletha, angu-24 230, kulandele iGauteng ngo-13 814, i-Eastern Cape ngamantombazane angu-12 582 kuze iLimpopo ngamantombazane angu-11 287.
Uthe izikole kudingeka zisize abafundi abakhulelwe ukuze zikwazi ukuthola ukwelulekwa, ukunakekelwa nokuthi zingashiyi isikole.
“Neminye iminyango kumele ibambe iqhaza, ukuze abafundi abakhulelwe bakwazi ukuthola usizo olunikezwa wuMnyango wezeMpilo. UMnyango wezeNhlalakahle uba yingxenye ukuze umfundi akwazi ukuthola isondlo somntwana kanjalo nolunye usizo.”
Uthe abafundi abakhulelwe kabaxoshwa esikoleni kodwa bayasekwa ukuthi baqhubeke naso.
“Kumele bahlinzekwe ngezinsizakufunda uma besakhulelwe kanjalo noma sebebelethile, ukuze basheshe ukubuyela esikoleni. Sisebenzisana nezinhlangano ezifana neGlobal Fund, ukuze ingane ikwazi ukuya ezikhungweni ze-Early Childhood Development (ECD), ekubeni umfundi esesikoleni.”
Ubalule nokuthi kunohlelo lokufundisa abafundi ezikoleni oluhlanganisa nesifundo iLife Orientation, esisiza abafundi ngemikhakha abangayenza uma sebephothule isikole.
Yisifundo esifundisa nangempilo jikelele kanjalo nezinto ezithinta ukukhulelwa usemncane, igciwane iHIV nezinye izifo.
Muva nje noNdunankulu
Sihle Zikalala waseKZN, ukhale ngezinga eliphezulu lokukhulelwa kwabafundi.
Ethula inkulumo kwethulwa iWorld Population Report, uZikalala uthe ukukhulelwa kwabafundi kufana nomlilo wequbula esifundazweni, siphezulu isibalo samantombazane akhulelwayo.
Ukhale ngokuthi abanye babafundi abakhulelwayo balaxaza phansi isikole bengaqedanga.
“E-KZN kwakhulelwa amantombazane angu-18 550 asuka eminyakeni engu-10 kuya phezulu ngonyaka owodwa. Amanye aneminyaka engu-15 kuya ku-24, asuleleka ngegciwane. Amantombazane yiwona asheshe athole leli gciwane kunozakwabo besilisa.”
Wakhala nango-sugar daddy esifundazweni abathandana nezingane ezincane.