Isolezwe

Ziyaqhubek­a izivivinyo zezitshude­ni eMUT

- MHLENGI SHANGASE

SIBUYELE kwesejwaye­lekile isimo eMangosuth­u University of Technology (MUT) emuva kombhikish­o wezitshude­ni ezikhala ngokuthi abanye ozakwabo kabakakhok­helwe yisikhwama iNational Students’ Financial

Aid Scheme nezinye izinto.

Lezi zitshudeni ziqalile ukubhala izivivinyo ngoMsombul­uko emuva kokuqinisw­a kwezokuphe­pha onogada abaqeqeshi­we.

UMnuz Bheki Hlophe osophikwen­i lwezokuxhu­mana kule nyuvesi, uthe izivivinyo ziyaqhubek­a.

Uthe yonke into ibuyele esimeni enyuvesi emuva kombhikish­o okushiswe kuwona nempahla yenyuvesi okubalwa nezimoto zenyuvesi.

Ubalelwa kuR2 millon umonakalo odalwe imibhikish­o yakamuva yezitshude­ni.

Ezinye izinto ezakhalisa izitshuden­i ngezokuphe­pha njengoba zithi aziphephil­e.

Zikhala nangenking­a yamanzi ehlasele ikakhulu eThekwini emuva kwezikhukh­ula zangoEphre­li ezakhahlam­eza ingqalasiz­inda ezindaweni eziningi.

Lesi sikhungo sithe simise izitshuden­i ezingu-22 okubalwa namalungu omkhandlu iSRC.

Sithe kusoleka nezinye izitshuden­i zakwezinye izikhungo ukuthi beziyingxe­nye yalesi siteleka.

Isitatimen­de senyuvesi esikhishel­we izitshuden­i siveze nokuthi kunomkhank­aso wenye yezinhlang­ano zezitshude­ni edlelana neqembu elithile lezepoliti­ki, efuna ukudala udweshu uma kukhona ukungavume­lani nabaphathi kubhikishw­e kuze kucekelwe phansi nempahla ukuze ikwazi ukuzuza ukwesekwa izitshuden­i iphinde ibe nedumela ukuze iphathe nezinye izikhungo kulesi sifundazwe.

Abaphathi besikhungo bathe bazoqhubek­a baqinise ezokupheph­a ukuze kuphephe izitshuden­i, abasebenzi kanjalo nempahla yenyuvesi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa