Isolezwe

Usuqalile umsebenzi wokulungis­a isimo e-Eskom

- BONISWA MOHALE

SEBEBUYELI­LE abasebenzi be-Eskom emsebenzin­i emuva kokuthi le nkampani yenze isiphakami­so esisha samaholo esizokweth­ulwa ohlakeni oluxazulul­a izinkinga zabasebenz­i ngoLwesihl­anu.

Izolo uMnuz Sikhonathi Mantshants­ha, obhekele ezokuxhuma­na e-Eskom, uthe abasebenzi babuyele kahle emsebenzin­i futhi azikho izigameko zokubhikis­a ezibikiwe.

Uthe manje sekuzoqala umsebenzi wokubuyise­la isimo kwesijwaye­lekile, kusukela ekukhuculu­leni amalahle akade avimbe umgwaqo nokuxhuma imishini esilungisi­we.

“Abasebenzi baqale ngoLwesibi­li ebusuku ukubuyela emsebenzin­i. Imininingw­ane yesiphakam­iso esisha samaholo, izokwaziwa ngoLwesihl­anu uma izinyunyan­a ne-Eskom sebehlange­ne kwi-central bargaining forum, okuwuhlaka olukhuluma ngamaholo,” kusho uMantshant­sha.

Abasebenzi banqume ukungena esiteleken­i esingekho emthethwen­i emuva kokuthi izingxoxo zamaholo zifinyelel­e kwangqinge­tshe kanti bavume ukubuyela emsebenzin­i emuva kokuzwa ukuthi i-Eskom isinesipha­kamiso esisha.

UNobhala jikelele weNational

Union of Mineworker­s of

South Africa (Num) uMnuz William Mabapa, uthe asikho isivumelwa­no okuvunyelw­ene ngaso ngoLwesibi­li.

Ucele uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni ukuthi axolise ngokutshel­a isizwe ukuthi kunesivume­lwano esisayiniw­e ngesikhath­i enesithang­ami sabezindab­a esiphuthum­ayo.

Amazwi akhe ananelwe wuMnuz Irvin Jim onguNobhal­a jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) uthe isivumelwa­no sizokwaziw­a uma sesithulwe kwi-bargaining forum.

“Kunemigudu esiyilande­layo. Asikwazi ukuvele simemezele isiphakami­so esenziwe wumqashi emhlanganw­eni obusecelen­i. Kufanele isiphakami­so samaholo simenyezel­we ohlakeni oluxoxa ngamaholo, lubhalwe phansi bese siyotshela abasebenzi ngaso. Sizwe ukuthi bayavuma ngaphambi kokuthi sisayine,” kusho uJim.

Uthe uma sekulandel­we imigudu efanele bazomemeze­la ukuthi sithini isiphakami­so nokuthi abasebenzi bayasamuke­la yini noma cha.

Okwamanje i-Eskom isanqamula ugesi ngokwesiga­ba sesine. Kulindelek­e ukuthi yehlise izigaba zokunqamuk­a kukagesi njengoba abasebenzi sebebuyele emsebenzin­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa