Isolezwe

Igilosa isibiza ukudlula imiholo

- BONISWA MOHALE

KUSINDA kwehlela kubantu baseNingiz­imu Afrika njengoba igilosa yomndeni isibiza uR4 688.81 isuka kuR4 609.89 ebiyiwona ngoMeyi. Lezi zindaba zidalulwe yinhlangan­o eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, iPietermar­itzburg Economic Justice and Dignity Group (Pmbejd).

Le nhlangano iveze ukuthi intengo yokudla neka-oyela ongahluziw­e inyuswa wudlame oluqhubeka e-Ukraine, ukuvalwa kwemizila ehamba amaloli athutha ukudla nenye impahla phakathi kweKwaZulu-Natal neGauteng kanjalo nokunyuka kwamandla emali.

UMnuz Mervyn Abrahams wePmbejd uthe abantu baseNingiz­imu Afrika bathwele kanzima ngoba kusazonyuk­a imali yokugibela ngoJulayi, kunyuke nekagesi kanti negilosa ayizibekil­e phansi.

Uveze ukuthi ukudla okuwu29 kokuwu-44 abakucwani­ngayo kunyukile njengoba isigubhu samafutha u-5l sesiwuR228.94 kule nyanga sisuka kuR201.90, u-10kg kaflawa usuwuR115.90 usuka kuR108.37.

Okunye ukudla okunyukile yisaka lempuphu, isinkwa, u-anyanisi, curry powder, usawoti, isobho, ugreen pepper, cremora, ujamu, isitambu imargarine, iklabishi, amasi, amanqina enkukhu, iwors, inyama yangaphaka­thi nobhontshi­si osethinini.

U-Abrahams uthe kunzima nokuthi abantu bathenge izimonyo ngoba nazo ziyanyuka kanjalo nezinto zokuhlanza indlu okubalwa insipho yokuwasha izimpahla, eyezitsha nokunye.

“Kusinda kwehlela kubantu bakuleli ngoba izindleko zokuphila ziyanyuka kodwa amaholo awanyuki. Isibonelo nje, abasebenzi abahola ngokohlelo lwe-minimum wage bathola uR3 895.92 kodwa igilosa ibiza ukudlula umholo wabo. Sithole ukuthi abanye basebenzis­a uR2 075.50 ukuthenga ugesi nokugibela bese enye isebenza ukuthenga igilosa,” kusho u-Abrahams esitatimen­deni.

Uthe kufanele kube nesibonele­lo sabangaseb­enzi ngoba ingcosana esebenzayo idonsa kanzima njengoba bewu-11.3 million abantu abangasebe­nzi kuleli.

Uthe abesifazan­e yibona abathwala usizi kakhulu ngoba ukudla okunomsoco kwengane kubiza uR813.29 kodwa uhulumeni ubanika isibonelel­o sikaR480.

Isizathu sokuthi athi yibona abathwala usizi uthe yingoba izingane ziqhweba bona uma sezilambil­e.

Ucele uhulumeni ukuthi engeze izibonelel­o zezingane nezabadala njengoba wayenza ngesikhath­i iCovid-19 isadla lubi ukuze abantu bakwazi ukubhekana nentengo ephezulu yokudla.

 ?? ?? AYIKHO into engabizi njengoba namaveji esebalwa ekudleni okunyukile kule nyanga
Isithombe: BONGANI MBATHA/
ANA
AYIKHO into engabizi njengoba namaveji esebalwa ekudleni okunyukile kule nyanga Isithombe: BONGANI MBATHA/ ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa