Abe-ANC bafuna uRamaphosa achaze ngokwebiwa kwemali epulazini
UBUHOLI be-ANC kwisifunda iMusa Dladla bufuna umengameli wale nhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa, achaze ngezinsolo zokuthi wafihlela amaphoyisa ngesigameko sokuphangwa kwemali epulazini lakhe, iPhala Phala, eliseLimpopo.
Leli khwelo lenziwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungesonto eledlule, kulesi sifunda okudabuka kuso loyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
Lesi sifunda esingesesibili ngobukhulu kwi-ANC
KwaZulu-Natal, singesokuqala ukuba siyalele uRamaphosa ukuba achaze ngalesi sigameko kusukela avulelwa icala yiloyo owayengumphathi wezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, owenza izinsolo zokuthi amaphoyisa awazange abikelwe ngaso.
Ngokwesitatimende sikaFraser, abaphangi bashaya bachitha nemali engu-4 million wamaDollar ase-US.
Isitatimende sakhe siqhuba ngokuthi abaphangi bazingelwa baze batholakala, base beyashaywa futhi bathunjwa, ngaphambi kokuthi bafumbathiswe ukuze bavale imilomo.
Ubuholi be-ANC eMusa Dladla buthi miningi imibuzo engakaphenduleki ngalolu daba.
UNobhala we-ANC kwisifunda iMusa Dladla, uMnuz Nathi Xulu, uthe njengamanje nabo badunguza ebumnyameni, abazi ukuthi kufanele baphendule bathini uma bebuzwa.
“Sikuthola kunzima ukuba siphendule uma sibuzwa ngamalungu omphakathi ngalolu daba. Sikuthola kunzima njengabaholi be-ANC ukuthi sikhulume ngezwi elilodwa ngoba kasinalo ulwazi oluphelele.
“Ngabe kungcono ukuba njengobuholi besifunda sinakho ukumeleleka kwisigungu esiphezulu ngoba ngabe ulwazi luhamba kalula. Ngabe lusuka kuzwelonke luye kwisifundazwe, luye kwizifunda bese luphelela emagatsheni.”
UXulu uthe asibekezeleleki isimo sokuthi uRamaphosa ahluleke ukuchaza.
“Njengamanje, i-ANC ibhekene nezinkinga eziningi kakhulu. Angeke sikumele ukuthi kube nelungu elizohluleka ukuzichaza kuzwakale.”
Ubuholi be-ANC eMusa Dladla baziwa ngokweseka uZuma. Emva kokuba bukhethiwe, bahlangana noZuma, lapho benza isethembiso sokuthi bazomeseka kuzo zonke izinkinga zomthetho abhekene nazo.
UXulu uphinde waveza ukuthi aqhubeka kahle amalungiselelo engqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZuluNatal. Uthe imihlangano yamagatsha yokuphakamisa abazongenela umbango wezikhundla iqhubeka ngokuthula.
“Sinethemba lokuthi ingqungquthela yokukhetha ubufunda izokuba nokuthula iphinde ilethe ubumbano.”