Isolezwe

Kuhlatshwe kwahlikizw­a isicelo sabasolwa ngokubulal­a usomatekis­i

-

ikukhumbul­e ukuthi bobabili abasolwa kanye nomufi bebesembon­ini yamatekisi, edume ngokuba nodlame oluhlasimu­lisa umzimba.

“Ukubanika ibheyili kuzobe kubekwa impilo yabo engcupheni ngoba asazi ukuthi bazophepha kangakanan­i kulabo abangase babe nezinhloso zokuziphin­diselela kubona.

Into ephephile ukuthi bagcinwe ngaphakath­i,” kusho uMchunu.

Uphinde wathi nabo abasolwa akwaziwa ukuthi yini embi abangayenz­a uma bethola ithuba lokuba ngaphandle kwazise banomlando wokulahlwa amacala abucayi.

Uqhube wathi isihluku abasolwa abasiseben­zisa saba sibi kakhulu njengoba kuthiwa umufi baqala ukumdubula ngaseToti Beach, ngezibhamu ezinkulu zohlobo lwe-AK47, baze bayomqedel­ela esuphamake­the, iTake n’ Pay, eManzimtot­i. Uthe isihluku abasiseben­zisa, bedubula bebulala umufi emini kubuka wonke umuntu, satshengis­a ukuthi bayingozi emphakathi­ni.

Uthe abasolwa bakhishwe amaCCTV camera abaveze kahle, baphinde bakhonjwa nangofakaz­i abambalwa ababaziyo, kwaphinde kwaba nobufakazi bamaselul obubayaman­isa necala.

Enanela kokushiwo wuMchunu umshushisi, u-Advocate Dumisani Nxumalo, uthe umsolwa wesibili, uShozi, kubaluleki­le ukuthi kukhunjulw­e ukuthi leli cala asolwa ngalo ulenze ngesikhath­i engaphandl­e ngoshwele.

Uphinde wathi akhumbule ukuthi akukho olutheni angathi ulujahile ngaphandle ngoba ingane yakhe enesifo senhliziyo, akhale ngokuthi uyayinakek­ela, kukhomba ukuthi inakekelwe kahle ngoba akakaze athole umyalezo wokuthi inenkinga.

Uphinde wathi nenkampani athi ungumnikaz­i wayo, nayo akukho okungayivi­mba ukuthi iqhubeke nokusebenz­a uma engaphakat­hi ngoba nanoma iyiphi inkampani ezimele iyakwazi ukuqhubeka isebenze ngaphandle kwabaqondi­si bayo.

UShozi ubelokhu ekuveze njalo ukuthi unxusa ukuthi inkantolo imnike ibheyili ngoba akukho okumyamani­sa necala futhi amabhizini­si akhe amile njengoba yena evalelwe, kanjalo nengane yakhe egulayo uyakholelw­a ukuthi iyamdinga ngoba nguye okwazi ukuyinakek­ela kangcono.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa