Isolezwe

UKing Nuba ufuna udumo luhambisan­e nemfundo

- BONGIWE ZUMA

UKUHLALA ebonakala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ecula futhi edansa nodado, uthi kusuke kungekona nje ukuchitha isizungu kodwa kuwuthando olujulile.

UYamukela King Nuba ongusomahl­aya odumile uthweswe iziqu zobuthisha yiWalter Sisulu University ngenyanga edlule. Uveza ukuthi ukuba yiciko nokusebenz­a nentsha yiwona msebenzi awuzwa egazini.

Ngo-2018, uqale ngokufunde­la ubuthishel­a enyuvesi yize egxile kwezobucik­o. Ukwethwesw­a iziqu ze-Adult Basic Education ngo-2020, kwamnika umdlandla wokuqhubek­a. Ube esenza iPost Graduate Certificat­e (PGCert) kwiSenior Phase and FET, nokuyiziqu ebesezitho­la ngeledlule.

Kuqhamuka amahlaya nomculo nje, ubevele ematasa neziqu zakhe zakhe zobuthishe­la.

UKing Nuba uthe njengoba eyisilomo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ufuna kuhambisan­e nemfundo ukuze aphinde abe yisibonelo esihle.

"Ngiqala, ngangifuna ukungena kwezobucik­o ngifundele ukulingisa nokwenza konke okuphathel­ene nalo mkhakha.

“Kwasho ukuthi abazali abakabi nolwazi kahle ngalo mkhakha, kwala ngisho sengiphend­ulwa eHoward College, ngabona sengathi akuyona inyuvesi ngoba ngangingen­alo kahle ulwazi ngaleso sikhathi," kusho uKing Nuba.

Eqhuba, uKing Nuba uthe uyafisa ukusheshe awuthole umsebenzi ngoba uyakuqonda ukuthi ukuba yiciko kuphela kulesi sikhathi, kudinga ukulekelel­e ngomunye umsebenzi.

"Imikhakha engikuyo iyahambisa­na, ngeke ixwayane. Ngizonceng­a ngilandele isimo ngokubamba lapho kuvela khona itoho.

"Ngisabheke­ne nezikwelet­u zezindleko zesikole okwamanje nokwenza ngibone kungcono ngithole umsebenzi ngaphambi kokuthi ngiphinde ngiqhubeke nokufunda.

“Udumo ngeke lwaphazami­sa umsebenzi wami ngoba vele ngisebenza ngabantu," kusho uKing Nuba.

Uveze nokuthi ukufunda ngayedwana ekhaya ngenxa yemigomo yeCovid-19, kube nomthelela omuhle kuye. Lokhu kuze kwamxhuman­isa nozakwabo ahlanganis­a naye umculo, uKhulubenz­e.

Amanyuvesi amaningi ebelokhu enandise njalo ngengoma kaKing

Nuba eshisa izikhotha kwezokuxhu­mana ethi Ummm.

Wathi

 ?? ?? UKING Nuba nozakwabo uKhulubenz­e namalungu emindeni yabo okubalwa nonina bejabulele ukuphumele­la kwabo enyuvesi
Izithombe: ZITHUNYELW­E
UKING Nuba nozakwabo uKhulubenz­e namalungu emindeni yabo okubalwa nonina bejabulele ukuphumele­la kwabo enyuvesi Izithombe: ZITHUNYELW­E
 ?? ?? ABAGCINI ngobungani nje kuphela oKing Nuba noKhuluben­ze kodwa bayacula futhi bafunde
ABAGCINI ngobungani nje kuphela oKing Nuba noKhuluben­ze kodwa bayacula futhi bafunde
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa