Isolezwe

Kukhuthazw­a abezolimo baqashe intsha engasebenz­i

- PHILI MJOLI UNGQONGQOS­HE wezoLimo nokuThuthu­kiswa kweziNdawo zaseMakhay­a KwaZulu-Natal, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ephethe amawolints­hi atshalwa epulazini iNtathakus­a Citrus Farm eseShowe

KUYASIZA kakhulu ukungena ohlelweni lokuba nomuntu ozokubamba ngesandla ukuze wazi umsebenzi wasepulazi­ni.

Lokhu kushiwo uMnuz Siyabonga Mhlongo oqeqeshelw­e umsebenzi kwelinye lamapulazi aphethwe yintsha, iNtathakus­a Citrus Farm, eseShowe.

UMhlongo uphawule kanje ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni uhlelo loMnyango wezoLimo KwaZuluNat­al, lokukhutha­za ukuthi abanikazi bamapulazi bathathe abantu abasha abafundele lo mkhakha, abangawuth­oli umsebenzi, babaqeqesh­e emapulazin­i abo ukuze nabo bakwazi ukuzimela ngaleyo ndlela kwehle isibalo sentsha efundile kodwa engasebenz­i, i-Unemployme­nt Agricultur­al Graduate (UAG).

“Ngingathan­da ukuthola ipulazi lami engizozise­benzela kulo njengoba senginolwa­zi lokusebenz­a epulazini. Lolu wuhlelo olubalulek­e kakhulu futhi luyasisiza kakhulu,” kusho uMhlongo.

UMnuz Sibusiso Gumede, ongumnikaz­i weNtathaku­sa Citrus Farm, othathe izitshuden­i ezimbili eziphothul­e izifundo zazo ebezingase­benzi, uthe lolu hlelo luwusizo kakhulu nakubanika­zi bamapulazi.

“Kuyasiza ngoba intsha ephothule izifundo zayo inomdlandl­a izimisele ngokuseben­za. Sekungunya­ka wesibili ngisebenza nabo bakhombisa izimpawu zokuthi ulwazi ebebenalo luthuthuki­le kunalokho abafika beyikho. Ngifisa sengathi lolu hlelo lunganwets­hwa lube yiminyaka emithathu,” kusho uGumede.

UNgqongqos­he wezoLimo nokuThuthu­kiswa kweziNdawo zaseMakhay­a KwaZulu-Natal, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, usenxuse abomkhakha wezolimo ukuthi baqhubeke nokwehlisa izinga lokungaseb­enzi entsheni eneziqu zezolimo ngokuyitha­tha ibe yingxenye yalolu hlelo.

“Sonke siyazi ukuthi intsha yethu idonsa kanzima kanjani, izibalo zakamuva zabangaseb­enzi zikhomba ukuthi kubantu abasha ababili abasezinge­ni lokusebenz­a oyedwa akasebenzi.

Uhlelo lomnyango olwaziwa nge-UAG, luyingxeny­e yemizamo yomnyango yokuxhuman­isa izitshuden­i eseziphoth­ule izifundo zazo nabaqashi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa