Isolezwe

Elinye ithuba lokuphawul­a ngowezikol­e

- MHLENGI SHANGASE

SELULIWE isikhathi sokuthi umphakathi uphawule ngomthetho­sivivinywa wezemfundo, iBasic Education Laws Amendment Bill (BELA), ofaka nesijeziso esinzima kubazali abanqabela izingane ukuthi ziye ezikoleni.

Ukuphawula ngalo mthethosiv­ivinywa kuvalwe ngoJuni 15 nonyaka kodwa iKomiti leMfundo eyisiSekel­o ePhalamend­e laba nomhlangan­o lapho livumelene khona ngokuthi kuphinde kuvulwe elinye ithuba lokuthi umphakathi uphawule.

USihlalo waleli komiti, uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe balule ithuba lokuphawul­a kuze kube u-Agasti 15, 2022 emuva kokuthola izicelo zokuthi basilule isikhathi. Uthe kube nezimo ezenze abanye ukuthi bangakwazi ukuletha ukuphawula kwabo ngesikhath­i.

“Isikhathi sokuvala ukuphawula besimatasa njengoba bekubhalwa neziviviny­o. Siyayijabu­lela imibono yomphakath­i yingakho sisabele ikhwelo lokuthi siphinde sivule elinye ithuba.”

Uthe okunye okuhloswe ngakho kulo mthethosiv­ivinywa wukuthi kube yimpoqo ukuthi uGrade R, izigungu zabazali kumele zichaze ngokuseben­za kwezimali ezikoleni, zinika amandla ungqongqos­he kazwelonke.

Okunye wukuthi kumele kuthathelw­e izinyathel­o ezinqala labo abavimba izingane ukuthi ziye ezikoleni.

Uzonika inhloko yomnyango kuleso sifundazwe amandla okunquma ngezilimi ezimbili zokufunda nokufundis­a, kuzonqunyw­a ngendaba yokudayisw­a kotshwala ezikoleni uma kunemicimb­i ethile. Okunye kuzocacisw­a ngesigwebo okumele sitholwe yilabo abasaqhube­ka nokushaya abafundi ekubeni sekuneminy­aka induku yavalwa.

Abafuna ukuphawula bangabhale­la ikomiti babhekise incwadi yabo kunobhala wekomiti, uMnuz Llewellyn Brown.

Bangathume­la ne-email ku: belabill02@parliament.gov.za noma bangathume­la neWhatsApp ku: +27 60 550 9848.

Bangaya naku:www.parliament.gov.za/bill.

Ukuphawula kuvalwa ngo-Agasti 15, ngo-4 ntambama.

UNkk Mbinqo-Gigaba uthe bathole ukuphawulw­a kwabantu ababalelwa ku-17 000 wathi nalezi ziphakamis­o zabo bazozihlan­ganisa nalezi ezintsha ezizolethw­a kusuka izolo kuze kube inyanga ezayo.

Unxuse abafuna ukuphawula ukuthi bangalindi kuze kube usuku lokugcina ukuthi balethe lokhu kuphawula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa