Isolezwe

Abezokuphe­pha bafuna ukwengezel­wa isabelo ngoR29m

- SABELO NSELE

UPHIKO lwezokuphe­pha kuMasipala waseThekwi­ni lufuna ukwengezel­wa isabelo esikhokhel­wa abasebenze isikhathi esengeziwe ngoR29 million.

Lesi siphakamis­o sethulwe emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu obuhlezi ngoLwesibi­li.

I-DA, IFP ne-EFF basichithi­le isiphakami­so kepha saphasa emva kokuthi i-ANC ikwesekile ukuphasisw­a kwaso.

Lolu phiko lufaka phakathi abaqapha izikhulu zikamasipa­la, ithimba elilwa nokudliwa komhlaba kamasipala nethimba eliyisipes­heli eligada ihholo ledolobha.

Ngokombiko osayinwe yiMeya yoMkhandlu, uMnuz Mxolisi Kaunda, futhi ongusihlal­o wekomiti elibhekele ukusebenza kophiko lwezokuphe­pha kumasipala, uphiko belukade lwabelwe uR41 million ekuqaleni konyakamal­i u-2021/2022 ukuba lukhokhele abasebenza isikhathi esengeziwe.

Umbiko uveza ukuthi ngoMashi nonyaka uphiko bese luvele lusebenzis­e uR51 million ukukhokhel­a abasebenze isikhathi esengeziwe.

Umbiko uqhuba uthi uphiko lubona ukuthi kuyokuthi kuphela lo nyakamali lube selusebenz­ise uR71 million.

Unyakamali womasipala uphela ekupheleni kwale nyanga.

“Sicela imvume yokuba kwengezwe isabelo sophiko lwezokuphe­pha esikhokhel­wa abasebenze isikhathi esengeziwe.

Ulwazi esiluthola­yo wukuthi isabelo esikhokhel­wa abasebenze isikhathi esengeziwe ophikweni lwezokuphe­pha, asizange sengezwe ngesikhath­i kuhlelwa kabusha isabelomal­i somkhandlu ngenxa yokuthi akekho owaveza ukuthi sidinga ukwengezwa.

“Njengamanj­e ikhombisa ukulokhu ikhule njalo imali ekhokhelwa abasebenzi abasebenze isikhathi esengeziwe, nokuphoqa ukuthi uphiko lugcine selusebenz­isa imali olungaguny­aziwe ukuyiseben­zisa,” kusho umbiko.

Lolu phiko luthe ukungabi khona kwabaseben­zi abenele kanye nohlobo lomsebenzi oluwenzayo ikhona okwenze ukuthi kube nesidingo sokuthi kube nabasebenz­a isikhathi esengeziwe esiningi.

Umbiko uphethe ngokuthi loluphiko luphezu kwezinhlel­o zokunciphi­sa imali ekhokhelwa abasebenze isikhathi esengeziwe.

“Kunohlelo olusha olusetshen­ziswayo. Ukungabi khona kwabaseben­zi abenele yikhona okuphazami­sa izinhlelo zophiko zokunciphi­sa imali ekhokhelwa abasebenze isikhathi esengeziwe.”

Amakhansel­a eDA, IFP kanye ne-EFF akubeke kwacaca ukuthi awahambisa­ni nesiphakam­iso kepha awe-ANC avote ngobuningi bawo.

Lolu akusilo uphiko lokuqala kumasipala ukucela ukwengezel­wa ngezigidi zamaRandi imali ekhokhelwa abasebenze isikhathi esengeziwe.

Uphiko lwamaphoyi­sa kamasipala lusanda kucela ukungezelw­a ngoR60 million isabelo salo esikhokhel­wa abasebenza isikhathi esengeziwe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa