Isolezwe

Uchaza ngezinyoka ezinhlanu nezinsolo zokuthwala

- BONGIWE ZUMA iZangoma Zodumo, And Chill,

ASIZIBONI siphila ngaphandle kwezinyoka isangoma sesifazane esisolwe kaningi ngokuthaka­tha nokuthwala emva kokuthi savela kwithelevi­shini nakwezokux­humana nenye yezinyoka.

UGogo Maweni osefuna ukwaziwa ngoDkt Maweni, wodumo lohlelo lwabelaphi bendabuko ekhuluma ohlelweni lukaMacG, iPodcast ujule ngezinsolo zokuthi uthwele ngenyoka, wathi kungamampu­nge.

Echaza kabanzi ngezinyoka zakhe, uveze ukuthi sezifana nezingane zakhe. Yize kunjalo uthe akusho ukuthi akufiki ezindleben­i zakhe ukuthi usolwa ngokuthwal­a ngazo izinyoka okungehli kahle. Ukubeke kwacaca ukuthi nesibalo sazo siyanyuka futhi akagcini nje ngokuba nezinyoka kodwa ufuye nezinye izilwane kwakhe.

"Umuzi wami ugcwele izinyoka. Senginezin­yoka ezinhlanu, isikhova, izimfudu ezimbili, onogwaja ababili nezinja ezintathu. Ngiyazitha­nda izilwane. Angizisebe­nziseli okunye okungale. Into uma uthwele ngayo ngeke ayibona omunye umuntu. Uma ngithwele ngenyoka, ngeke niyibone. Ngihambise inyoka yami kudokotela igula. Ngayifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba ngifuna abantu bayibone ukuthi ngeke kube yinyoka yokuthwala ngoba ngeke yagula," kusho uMaweni.

Eqhuba uthe izinyoka zakhe balala nazo ekamelweni nomyeni wakhe ngoba uyazithand­a. Uveze nokuthi umyeni wakhe wayezisaba esaqala ukuthandan­a naye, noyise omzalayo wayenemibu­zo eminingi. UMaweni uthe uthando lwezinyoka luqale eseyisango­ma eseziphuph­a. Uthe kungenzeka asandise isibalo sazo.

Uchaze ngobudokot­ela, uthe njengayo yonke imikhakha baba khona odokotela bokuhlonis­hwa naye wahlonishw­a ngeziqu ngamagalel­o nesipiliyo­ni sokwelapha. Uthe phezu kokuba ewungoti wezengqond­o, akufundela phesheya kwezilwand­le kodwa ubuye waqeqeshwa KwaZulu-Natal ngamakhamb­i esintu nokunye okuphathel­ene nokwelapha.

UMaweni ubegeqa amagula engxoxweni noMacG lapho ethe ukusolwa ngokuthaka­tha akuyona into emkhathaza­yo ngoba ikhona imithi anayo yokusiza abantu abafuna ukuphindis­ela ngokubi abantwini ababagilay­o, okubalwa noyise bezingane.

Ecacisa ngoyise bezingane zakhe, uthe akafisi ukugxila kubo ngoba ngamampung­e ukuthi wasebenzis­ela umlingisi umuthi kodwa wavuma kumdlali webhola.

Ngenxa yokuvulele­ka kwakhe kuphoxe isikhathi ohlelweni kodwa abaphathi bathembise ukumbuyisa maduze.

 ?? ??
 ?? ?? UGOGO Maweni osolwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuthwal­a ngezinyoka, uveza ukuthi azihlangen­e nobungoma Isithombe: INSTAGRAM
UGOGO Maweni osolwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuthwal­a ngezinyoka, uveza ukuthi azihlangen­e nobungoma Isithombe: INSTAGRAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa