Uchaza ngezinyoka ezinhlanu nezinsolo zokuthwala
ASIZIBONI siphila ngaphandle kwezinyoka isangoma sesifazane esisolwe kaningi ngokuthakatha nokuthwala emva kokuthi savela kwithelevishini nakwezokuxhumana nenye yezinyoka.
UGogo Maweni osefuna ukwaziwa ngoDkt Maweni, wodumo lohlelo lwabelaphi bendabuko ekhuluma ohlelweni lukaMacG, iPodcast ujule ngezinsolo zokuthi uthwele ngenyoka, wathi kungamampunge.
Echaza kabanzi ngezinyoka zakhe, uveze ukuthi sezifana nezingane zakhe. Yize kunjalo uthe akusho ukuthi akufiki ezindlebeni zakhe ukuthi usolwa ngokuthwala ngazo izinyoka okungehli kahle. Ukubeke kwacaca ukuthi nesibalo sazo siyanyuka futhi akagcini nje ngokuba nezinyoka kodwa ufuye nezinye izilwane kwakhe.
"Umuzi wami ugcwele izinyoka. Senginezinyoka ezinhlanu, isikhova, izimfudu ezimbili, onogwaja ababili nezinja ezintathu. Ngiyazithanda izilwane. Angizisebenziseli okunye okungale. Into uma uthwele ngayo ngeke ayibona omunye umuntu. Uma ngithwele ngenyoka, ngeke niyibone. Ngihambise inyoka yami kudokotela igula. Ngayifaka ezinkundleni zokuxhumana ngoba ngifuna abantu bayibone ukuthi ngeke kube yinyoka yokuthwala ngoba ngeke yagula," kusho uMaweni.
Eqhuba uthe izinyoka zakhe balala nazo ekamelweni nomyeni wakhe ngoba uyazithanda. Uveze nokuthi umyeni wakhe wayezisaba esaqala ukuthandana naye, noyise omzalayo wayenemibuzo eminingi. UMaweni uthe uthando lwezinyoka luqale eseyisangoma eseziphupha. Uthe kungenzeka asandise isibalo sazo.
Uchaze ngobudokotela, uthe njengayo yonke imikhakha baba khona odokotela bokuhlonishwa naye wahlonishwa ngeziqu ngamagalelo nesipiliyoni sokwelapha. Uthe phezu kokuba ewungoti wezengqondo, akufundela phesheya kwezilwandle kodwa ubuye waqeqeshwa KwaZulu-Natal ngamakhambi esintu nokunye okuphathelene nokwelapha.
UMaweni ubegeqa amagula engxoxweni noMacG lapho ethe ukusolwa ngokuthakatha akuyona into emkhathazayo ngoba ikhona imithi anayo yokusiza abantu abafuna ukuphindisela ngokubi abantwini ababagilayo, okubalwa noyise bezingane.
Ecacisa ngoyise bezingane zakhe, uthe akafisi ukugxila kubo ngoba ngamampunge ukuthi wasebenzisela umlingisi umuthi kodwa wavuma kumdlali webhola.
Ngenxa yokuvuleleka kwakhe kuphoxe isikhathi ohlelweni kodwa abaphathi bathembise ukumbuyisa maduze.