Isolezwe

I-AgriSA ikhathazek­ile ngokuvalwa kwefemu

- BONISWA MOHALE

yabalimi, i-AgriSA, ikhathazek­ile ngezinhlel­o zokuvala ifemu eyenza izithelo ezisemathi­nini ese-Ashton, i-Ashton Canning Co Pty Limited, eWestern Cape.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, i-AgriSA iveze ukuthi ukuvalwa kwale femu kuyajabhis­a ngoba abalimi basanda kusayina isivumelwa­no esibizwa nge-Agricultur­e and AgroProces­sing Masterplan.

“Ukuvalwa kwefemu yase-Ashton kuzoholela ekudilizwe­ni kwabaseben­zi abawu-4 500. Abalimi nomphakath­i wale ndawo bazothwala kanzima ngoba ibisiza kakhulu ekuvuselel­eni umnotho wezwe.

“Siyacela uhulumeni angenelele akhulume nabeTiger Brands ukuthi baziyeke izinhlelo zokuvala le femu,” kusho uMnuz Jacques Jordaan oyisikhulu esiphezulu seCanning Fruit Pruducers Associatio­n.

Uthe ngesikhath­i iTiger Brands imemezela izinhlelo zayo zokuvala le femu, kwaba nabatshali­mali abafisa ukuyitheng­a baveza ukuthi bazodinga imali ephakathi kukaR200 million noR300 million ukuze bakwazi ukuyitheng­a.

“Njengamanj­e iTiger Brands ifuna abazotheng­a le nkampani babe nale mali kungakaphe­li izinsuku eziwu-60. Kuzobanzim­a ukuhlangan­isa imali engaka ngaphandle kokwesekwa wuhulumeni, siyacela angenelele,” kusho uJordaan.

Uthe bangaphezu kuka-300 abalimi abatshala izithelo ezifakwa emathinini ale femu okusho ukuthi uma ivalwa, ngeke babe nemakethe yokudayisa umkhiqizo wabo.

Uthe izithelo ezisemathi­ni ezenziwa kule femu eyasungulw­a eminyakeni ewu-70 edlule, ngezakwa-KOO ezidayiswa kuleli nezinye ezifakwa emathinini abhalwe Silverleaf noGoldReef, ezidayiswa kwamanye amazwe.

Uphethe ngokucela iTiger Brands nohulumeni ukuba baxoxe nezinhlaka ezithintek­ayo ukuze kutholakal­e isisombulu­lo esizoholel­a ekutheni ifemu ihlale ivuliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa