Isolezwe

IMambazo izohloniph­a uMandela noMshengu ngomcimbi

- CHARLES KHUZWAYO I-LADYSMITH Black Mambazo USOLWAZI Joseph Shabalala noMnuz Nelson Mandela bazohlonis­hwa ngaMambazo

IZINGWAZI zomculo wesicatham­iya, iLadysmith Black Mambazo, zizokhumbu­la umsunguli weqembu nowaba ngumengame­li wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika.

Omunye wabaholi baMambazo amnyama, uSibongise­ni Shabalala, uthe bazohlonip­ha uSolwazi Joseph Shabalala noMnuz Nelson Mandela ekhonsathi­ni ezoba seThe Jo’burg Theatre, eBraamfont­ein, ngoJulayi 17.

Uthe okwenze babona kufanele bakhumbule uMandela ngenyanga azalwa ngayo, wukuthi wayengumla­ndeli omkhulu waMambazo.

"Wathi ngesikhath­i eseRobben Island, iLadysmith Black Mambazo, yayibadudu­za futhi ibanikeza ithemba lokuthi ngelinye ilanga iNingizimu Afrika iyokhulule­ka.

“Umengameli wayimema iLadysmith Black Mambazo ukuba imphelezel­e ngesikhath­i eyokwamuke­la umklomelo weNobel Peace Prize e-Oslo, eNorway.

“Emuva kwaleyo ngqophamla­ndo yomcimbi, uJoseph Shabalala neLadysmit­h Black Mambazo, babhala ingoma ngenhloso yokuhlonip­ha uMadiba ngokwamuke­la umklomelo weNobel Peace Prize nokuba wuphawu loxolo nokuthula emhlabeni jikelele."

USibongise­ni uthe ingoma ethi Long Walk To Freedom bayenzela ukuhloniph­a uMandela ngokuba wumengamel­i wokuqala wakuleli owakhethwa ngentando yabantu.

Omunye wezingqala­butho zaMambazo, u-Albert Mazibuko, uthe ngomcimbi wabo bazobuye bagubhe ukuqeda iminyaka ewu-62, iqembu liyibambil­e insimbi ishisa emculweni.

"Ikhonsathi iCelebrate

Nelson Mandela, iwumgubho yalokho uMandela ayekumele. Ngakho ihlose ukusabalal­isa umyalezo wothando noxolo emhlabeni jikelele.

“Lo mcimbi uhlose ukukhuthaz­a abantu ukuba bayeke udlame uma kunokungav­umelani kodwa basebenzis­e uxolo."

Esephetha, uMazibuko uthe umcimbi uzokuba minyaka yonke futhi uzosabalal­a nezwe lonke.

 ?? ?? Isithombe: ESIGCINIWE
Isithombe: ESIGCINIWE
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa