Isolezwe

Sekudingek­a omunye umthombo wezamandla ukulekelel­a i-Eskom ehlulekayo

-

INKINGA yokuhlulek­a ukuvimba ukunqanyul­wa kukagesi kwe-Eskom, kuzowuqumb­a phansi umnotho waseNingiz­imu Afrika. Ezinkingen­i eziningi izwe elibhekene nazo, akumele engabe kuzo kubalwa nokushoda kwamandla kagesi.

Kumele engabe ugesi sithembele kuwo ukugcina amabhizini­si nezikhungo kusebenza ukuze kusimamise umnotho wezwe okusenzima ukuwufukul­a selokhu kwagadla iCovid-19.

NgoLwesibi­li, isikhulu esiphezulu sase-Eskom, u-Andrew de Ruyter, siveze ukuthi isiteleka sabasebenz­i bale nkampani sizoba nomthelela omubi ekulondolo­zweni kwamandla kagesi.

Lokhu kutshengis­a ngokusobal­a ukuthi izinto kazihlelek­ile kule nkampani.

Kusobala ukuthi i-Eskom kayinalo uhlelo lokusebenz­a ngaphansi kwezimo eziphuthum­ayo. Lokhu kubangelwa wukungapha­thwa ngendlela kwenkampan­i, inkohlakal­o nokukhwaba­nisa.

Abasebenzi base-Eskom, njengabo bonke abasebenzi bakuleli, ngokuvunye­lwa wuMthetho wezabaSebe­nzi, banalo ilungelo lokukhala ngamaholo nokuteleka nxa kungavunye­lwana nomqashi. Lokhu kodwa akusho ukuthi kumele ugesi ungabi bikho, akumele engabe le nkampani ikhuluma indaba yokucishwa kukagesi kusuka esigabeni sesithupha ngoba kumele engabe izikhulu zayo zinalo uhlelo olumile lokumelana nezimo ezikanjena.

Sekukhulun­ywe kakhulu ngokwehlul­eka kwezikhulu zale nkampani ukuvimba ukunqanyul­wa kukagesi kodwa kungenziwa lutho. Zikhona futhi nezinsolo zokuthi izinto kazilungi nje, yingenxa yokugxambu­kela kosopoliti­ki abasebenzi­sa le nkampani ukufeza izinhloso zabo. Kukona konke okwenzekay­o kabacatsha­ngelwa abantu baseNingiz­imu Afrika, abaphila kabuhlungu ngenxa yokungabi bikho kukagesi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa