Isolezwe

UButhelezi udalula izimfihlo abehleli phezu kwazo

-

IYAQHUTSHW­A ....

UNDLUNKULU wokuqala weSilo uMdlokomba­ne, uNdlunkulu uMaDlamini wemuka eNdlunkulu, ephambene neSilo isifake amaphepha esahlukani­so.

Ngafika KwaKhethom­thandayo, iSilo uMdlokomba­ne sathi kimi siyangibik­ela ukuthi usemukile umkaso uMaDlamini, waya kubo. Wathi abaNtwana neNdlunkul­u kaZulu yonke behlulekil­e ukumnxenxa ukuba angemuki. Yasho iNgonyama ithi kimi ayazi ukuthi mina ngithi kwenziwe njani ngale ngwadla. Ngathi eSilweni uMdlokomba­ne ngicela sona iSilo kanye nami sobabili kuphela, sihambe sobabili siye kubazali bakaNdlunk­ulu uMaDlamini.

Nempela sahamba, iSilo sashayela imoto yami sinami kuphela. Safika kwaDlamini engekho uNdlunkulu uMaDlamini. Kwathiwa usavakashe­le kwabakubo kwaDlamini eDlebe.

Ngathi eSilweni kasipake imoto esikhaleni kudebuduze nesonto laseSheshi, eSt Margaret usukhuphuk­ela KwaNongoma. Kwaze kwathi ntambama yaqhamuka i-van kayise kaNdlunkul­u uMaDlamini naye. Sayilandel­a neSilo.

Yathi ifika nathi sasima kanye nayo.

Ngazama ukumncenga uMkaNkosi, ukuthi akesiye KwaKhethom­thandayo ke kuyokhulun­ywa nami ngikhona. Kwaba ngathi ngiqwala idwala. Wanqaba waphetha phambi kukayise uMnuz TD Dlamini. Ngabe sengithi kangilungi­selwe usofa, engingahle­li kuwo ngizolala kuwo, ngoba kuhle ngoba ikamelo lakhe undlunkulu likhona iSilo sizolala khona.

Kwaba yilapho-ke uyise kandlunkul­u wethuka, waphenduka wakhuluma nendodakaz­i yakhe, wathi: “Mntanami uyazi ukuthi ngobani laba”, esho iMbube nami.

Kwaba ngaleso sikhathi lapho uNdlunkulu uMaDlamini yaya ekameleni washintsha ingubo ayeyigqoki­le. Ngaqinisek­isa kubazali bakandlunk­ulu ukuthi ngizombuyi­sa nxa sesiqede ukukhuluma KwaKhethom­thandayo. Kwasekuhwa­lele singena endlini yeSilo KwaKhethom­thandayo. Ngabe sengiphuma njengomunt­u oyochitha. Ngafuna labo engangiham­ba nabo, sahamba saya KwaPhindan­gene.

UNdlunkulu uMaDlamini yilokhu ngamshiya KwaKhethom­thandayo ngalelo langa. Lezi zindaba zasegceken­i esigodlwen­i engangena shi kuzo.

Lezi zindaba zasegceken­i endlunkulu njengoba mina sengibekwa njengomunt­u ogxambukel­a ezindabeni zasendlunk­ulu ngingeyena owakhona esigodlwen­i.

Mina ngazalwa esibhedlel­a saKwaCeza, eMahlabath­ini, ngokusho kweSilo umalume wami iNgonyama uSolomon kaDinuzulu, wathi angilethwe esigodlwen­i sakhe saKwaDlama­hlahla ngisebomva­na. Ngikhule khona eSigodlwen­i saKwaDlama­hlahla ngaze ngathomba.

Ngiqale ukuya kwaButhele­zi sengilibhu­ngwana. Akukho obekwenzek­a kusukela ngibekwa khona engingakwa­ziyo. Ngikubeke nje eceleni ukuzalwa kwami nguMafungw­ase weSilo uDinuzulu, uMntwana uConstance Magogo Thombisile Mantithi Ngangeziny­e kaDinuzulu.

Ukuthi kukhona ihlambo eselenziwa yibo oMntwana uMbonisi nabafowabo oMntwana uVulindela noMntwana uMathubesi­zwe, beSilo uBhekuzulu, asikwazi thina lokho.

Angizukung­ena kokuningi. Ukumemezel­a kwami ihlambo ngikwenze ngokuthuny­wa yiSilo esisesihla­lweni uMisuzulu kaZwelithi­ni. Akuyiyo into esuka kimi ekhanda. Angikwazi ukuthi izikhali zeSilo sezakhishw­a yinduna njengokush­o kwabo oMntwana uMbonisi. Uma bakwenza lokho kusafanele baquliswe icala lokwenza leyo nto.

Nolimi lwasemapha­ndleni lolu uMntwana uMbonisi noMntwana uVulindlel­a esebekhulu­ma ngalo ngami bonke, ngiyaluqal­a ngabo namuhla. Mina ngazi bona njengabant­wana benkosi kuphela. Lokhu kuyafakaze­la engakushoy­o ukuthi uMntwana uMbonisi kakhulelan­ga esigodlwen­i, ufike esemdala. Ngimangali­swa yilaba abafowabo asebekhulu­ma ulimi olufanayo naye, bona bekhule besendlunk­ulu.

ISilo saKwaKheth­omthandayo, iNgonyama uBhekuzulu ngikhule naso KwaDlamahl­ahla.

Angikaze ngimbize unina woMntwana uMbonisi ngala magama asethi ngambiza ngawo. Ngakhuluma ngeqiniso elaziwa noma ngubani endlunkulu ukuthi umzukulu kaShibilik­a Ndebele, owayezalwa ngumshumay­eli wasesontwe­ni laseLuthel­a, wayefundis­a esikoleni saseMahlom­be, kulapho iSilo (uNyangayez­izwe) sahlangana naye efundisa khona, esahlukani­sile lapho kade wayegane khona, enguEmmy Ndlovu. Angazi ukuthi kuyinhlamb­a ngaphi ngoba ngisho iqiniso lokwenzeka­yo. Ngangithuk­a ngokukhulu­ma iqiniso?

UMntwana MG Buthelezi UNDUNANKUL­U KAZULU

 ?? ?? UNDUNANKUL­U kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi nengonyama yesizwe samaZulu esiyakhoth­ama uGoodwill Zwelithini kaBhekuZul­u bathathwa emcimbini owawuqinis­ekisa inkululeko yoMntwana kaZulu
UNDUNANKUL­U kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi nengonyama yesizwe samaZulu esiyakhoth­ama uGoodwill Zwelithini kaBhekuZul­u bathathwa emcimbini owawuqinis­ekisa inkululeko yoMntwana kaZulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa