UButhelezi udalula izimfihlo abehleli phezu kwazo
IYAQHUTSHWA ....
UNDLUNKULU wokuqala weSilo uMdlokombane, uNdlunkulu uMaDlamini wemuka eNdlunkulu, ephambene neSilo isifake amaphepha esahlukaniso.
Ngafika KwaKhethomthandayo, iSilo uMdlokombane sathi kimi siyangibikela ukuthi usemukile umkaso uMaDlamini, waya kubo. Wathi abaNtwana neNdlunkulu kaZulu yonke behlulekile ukumnxenxa ukuba angemuki. Yasho iNgonyama ithi kimi ayazi ukuthi mina ngithi kwenziwe njani ngale ngwadla. Ngathi eSilweni uMdlokombane ngicela sona iSilo kanye nami sobabili kuphela, sihambe sobabili siye kubazali bakaNdlunkulu uMaDlamini.
Nempela sahamba, iSilo sashayela imoto yami sinami kuphela. Safika kwaDlamini engekho uNdlunkulu uMaDlamini. Kwathiwa usavakashele kwabakubo kwaDlamini eDlebe.
Ngathi eSilweni kasipake imoto esikhaleni kudebuduze nesonto laseSheshi, eSt Margaret usukhuphukela KwaNongoma. Kwaze kwathi ntambama yaqhamuka i-van kayise kaNdlunkulu uMaDlamini naye. Sayilandela neSilo.
Yathi ifika nathi sasima kanye nayo.
Ngazama ukumncenga uMkaNkosi, ukuthi akesiye KwaKhethomthandayo ke kuyokhulunywa nami ngikhona. Kwaba ngathi ngiqwala idwala. Wanqaba waphetha phambi kukayise uMnuz TD Dlamini. Ngabe sengithi kangilungiselwe usofa, engingahleli kuwo ngizolala kuwo, ngoba kuhle ngoba ikamelo lakhe undlunkulu likhona iSilo sizolala khona.
Kwaba yilapho-ke uyise kandlunkulu wethuka, waphenduka wakhuluma nendodakazi yakhe, wathi: “Mntanami uyazi ukuthi ngobani laba”, esho iMbube nami.
Kwaba ngaleso sikhathi lapho uNdlunkulu uMaDlamini yaya ekameleni washintsha ingubo ayeyigqokile. Ngaqinisekisa kubazali bakandlunkulu ukuthi ngizombuyisa nxa sesiqede ukukhuluma KwaKhethomthandayo. Kwasekuhwalele singena endlini yeSilo KwaKhethomthandayo. Ngabe sengiphuma njengomuntu oyochitha. Ngafuna labo engangihamba nabo, sahamba saya KwaPhindangene.
UNdlunkulu uMaDlamini yilokhu ngamshiya KwaKhethomthandayo ngalelo langa. Lezi zindaba zasegcekeni esigodlweni engangena shi kuzo.
Lezi zindaba zasegcekeni endlunkulu njengoba mina sengibekwa njengomuntu ogxambukela ezindabeni zasendlunkulu ngingeyena owakhona esigodlweni.
Mina ngazalwa esibhedlela saKwaCeza, eMahlabathini, ngokusho kweSilo umalume wami iNgonyama uSolomon kaDinuzulu, wathi angilethwe esigodlweni sakhe saKwaDlamahlahla ngisebomvana. Ngikhule khona eSigodlweni saKwaDlamahlahla ngaze ngathomba.
Ngiqale ukuya kwaButhelezi sengilibhungwana. Akukho obekwenzeka kusukela ngibekwa khona engingakwaziyo. Ngikubeke nje eceleni ukuzalwa kwami nguMafungwase weSilo uDinuzulu, uMntwana uConstance Magogo Thombisile Mantithi Ngangezinye kaDinuzulu.
Ukuthi kukhona ihlambo eselenziwa yibo oMntwana uMbonisi nabafowabo oMntwana uVulindela noMntwana uMathubesizwe, beSilo uBhekuzulu, asikwazi thina lokho.
Angizukungena kokuningi. Ukumemezela kwami ihlambo ngikwenze ngokuthunywa yiSilo esisesihlalweni uMisuzulu kaZwelithini. Akuyiyo into esuka kimi ekhanda. Angikwazi ukuthi izikhali zeSilo sezakhishwa yinduna njengokusho kwabo oMntwana uMbonisi. Uma bakwenza lokho kusafanele baquliswe icala lokwenza leyo nto.
Nolimi lwasemaphandleni lolu uMntwana uMbonisi noMntwana uVulindlela esebekhuluma ngalo ngami bonke, ngiyaluqala ngabo namuhla. Mina ngazi bona njengabantwana benkosi kuphela. Lokhu kuyafakazela engakushoyo ukuthi uMntwana uMbonisi kakhulelanga esigodlweni, ufike esemdala. Ngimangaliswa yilaba abafowabo asebekhuluma ulimi olufanayo naye, bona bekhule besendlunkulu.
ISilo saKwaKhethomthandayo, iNgonyama uBhekuzulu ngikhule naso KwaDlamahlahla.
Angikaze ngimbize unina woMntwana uMbonisi ngala magama asethi ngambiza ngawo. Ngakhuluma ngeqiniso elaziwa noma ngubani endlunkulu ukuthi umzukulu kaShibilika Ndebele, owayezalwa ngumshumayeli wasesontweni laseLuthela, wayefundisa esikoleni saseMahlombe, kulapho iSilo (uNyangayezizwe) sahlangana naye efundisa khona, esahlukanisile lapho kade wayegane khona, enguEmmy Ndlovu. Angazi ukuthi kuyinhlamba ngaphi ngoba ngisho iqiniso lokwenzekayo. Ngangithuka ngokukhuluma iqiniso?
UMntwana MG Buthelezi UNDUNANKULU KAZULU