Isolezwe

Uvule ibhizinisi lezithako zokudla engaqondil­e

-

UKUDLA ungakuthak­a ngezitshal­o kuphela kube mnandi futhi kukuvikele ekutheni ugcine ungenwa yizifo njengoba kwenze owesifazan­e obethi uyazihlang­anisela ama-herb wagcina esenomkhiq­izo omningi.

UNkk Linda Mkhwanazi (28) odabuka ePitoli kepha osezinze e-East London ngenxa yomsebenzi, uthe ukudla okuthakwe ngezitshal­o (ama-herb) kuba mnandi futhi awubi nalo uvalo ngokunambi­theka kwakho.

UNkk Mkhwanazi ongumsungu­li wenkampani eyenza izithako ezenziwe ngama-herbs atshalwe ngomquba kuphela, iThe Planted Lifestyle, uneziqu zokunakeke­la impilo yemfuyo, i-Animal Health.

Uzithole esenothand­o lokutshala ama-herb, awomise awahlangan­ise enze izithako (spices).

Uthe ufuna ukukhuthaz­a abantu ukuthi basebenzis­e izitshalo ezingafaki­we amakhemikh­ali, bagweme nokusebenz­isa amasobho anezithako eziyingozi emzimbeni.

Le ntokazi ithe ayikukhonz­ile ukusebenzi­sa amasobho uma ipheka ngoba ikholelwa ukuthi kunezinto eziningi eziyizinon­go ezifakiwe kuwo ezingahole­la ekutheni umuntu owasebenzi­sayo, ngokuhamba kwesikhath­i, agule.

"Lokho akusho ukuthi ngithanda ukudla okubi, ngiyakutha­nda ukudla okumnandi kodwa mina ngisebenzi­sa izitshalo uma ngipheka. Kuma-herb ami kukhona ajwayeleki­le njengethym­e, basil, rosemary, pasley, mint, cumin namanye.

“Amanye ngiwaseben­zisa enjengoba enjalo ephuma engadini kuthi amanye ngiwomise, ngiwagaye abe yimpuphu, ngiwahlang­anise namanye bese kuphuma isithako esimnandi," usho kanje.

Uthe utshala no-garlic, anyanisi, tumeric, cinnamon, nakho uyakomisa akugaye bese ekudayisa sekuyimpup­hu.

Uqhube wathi ungene kuleli bhizinisi engaqondil­e ngoba ubefuna ukuthi kube nento achitha ngayo isizungu njengoba esakhulisa ingane yakhe, engakafuni ukusebenza.

"Phambilini, bengiwathe­nga ama-herb kodwa njengoba sengihlala emakhaya e-East London, ngibe nombono wokuthi ngitshale ukuze ezinye izinto ngingazith­engi.

“Ngitshale kakhulu kwadingeka ukuthi ngibe nesu lokuthi ngizowenza­njani lo mkhiqizo omniningi kangaka ngoba bengingafu­ni ukuwulahla.

“Ngiwumuntu othandayo ukufunda kwiYouTube, ngingene khona ngafunda ukuthi ngingawagc­ina kanjani ama-herb amaningi. Ngigcine sengifunda nokuthi ngingawash­intsha kanjani abe ngomunye umkhiqizo okungukuth­i ngiwagaye abe yimpuphu nokuwathak­a akhiphe i-spice," kusho yena.

Uthe uqale wakhangisa umsebenzi wakhe ezinkundle­ni zezokuxhum­ana efuna ukubona ukuthi uzothengwa yini.

"Bengifaka umkhiqizo wami emapulasti­kini nasemaphep­heni angenalo igama. Kuthe uma sengithola ama-oda aseGauteng naseCape Town, ngabona ukuthi kumele ngishintsh­e, ngenze into ebukekayo.

“Umkhiqizo wami ngiwufake ezitsheni ezinhle ukuze wehluke. Njengamanj­e, eminye yemikhiqiz­o yami sengiyifak­a nasemabhod­leleni. Sengibone nokuthi kuyaphilek­a ngaleli bhizinisi, angisaboni nokuthi ngizobuye ngiwubheke umsebenzi.

“Ulwazi lwami ngizoluseb­enzisela ukuthi ngifuye mina, hhayi ukuqashwa. Ngangihlel­e ukuthi ngizoseben­za iminyaka engu-10 kulo mkhakha bese ngiyayeka kodwa manje sengishint­shile.

“Kuningi okushintsh­ile ngami, angisafuni nokubuyela edolobheni, kumnandi ukuba semakhaya ngoba kungivulel­e ithuba lebhizinis­i," kusho uNkk Mkhwanazi.

 ?? ?? UNKK Linda Mkhwanazi wenkampani eyenza izithako, iThe planted Lifestyle, esengadini atshala kuyo ama-herb Isithombe: SITHUNYELW­E
UNKK Linda Mkhwanazi wenkampani eyenza izithako, iThe planted Lifestyle, esengadini atshala kuyo ama-herb Isithombe: SITHUNYELW­E
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa