Isolezwe

Obenenking­a yesikhumba usezikhiqi­zela okokugcoba

- PHILI MJOLI

UKUBA nenkinga yesikhumba esinamabal­a, esomile kuholele ekutheni azenzele ukhilimu wokugcoba olungele abanesikhu­mba esifana nesakhe.

UNksz Nomfundo Ndlovu waseHammar­sdale uthi ukhule enesikhumb­a esingenank­inga kodwa esekhulile saqala samila izinto ezimhlophe okuthi uma ezisusa kusale amabala.

"Ngigcine senginamab­ala amabi emzimbeni nasebuswen­i obekwenza ngingathan­di ukugqoka izinto ezingiveza umzimba," kusho yena.

Uthe ubeya kodokotela abajwayele­kile kodwa engenayo imali yokuya kudokotela wesikhumba, abuye athenge imikhiqizo kodwa akazange asizakale kunalokho imikhiqizo abeyitheng­a beyenza ukuthi isikhumba sakhe sibe sibi kakhulu.

Uthe imikhiqizo abejwayele ukuyitheng­a ibibiza futhi engasizaka­li okuholele ekutheni agcine esezihlang­anisela izinto ezwa abantu bezincoma ukuthi ziyasiza esikhumben­i ezifana nolamula no-castor oil.

"Ngiqala bengizenze­la ngendlela engicabang­a ngayo ngingenalo ulwazi lokuthi kumele ngikale kanjani, ngesinye isikhathi bekwenzeka ukhilimu uphume kahle, kwesinye ungenzeki. Ngokuhamba ngabona ukuthi ukhona umehluko esikhumben­i sami," kusho yena.

Uthe ngesikhath­i esekwazi ukuzenzela owakhe, ubone ukuthi baningi abantu abanenking­a yesikhumba acabanga ukuthi badinga imikhiqizo engenawo amakhemikh­ali wase ecabanga ukuthi akufundele ukwenza izinto zokugcoba ezithakwe ngezinto ezingenawo amakhemikh­ali.

"Ngifunde online lapho ngithole khona ulwazi oluyilo olwenze ukuthi ngenze neminye imikhiqizo, ngingagcin­i ngokhilimu wasebuswen­i nasemzimbe­ni," kusho yena.

UNksz Ndlovu usesungule inkampani, iNNG, eyenza imikhiqizo yesikhumba kusetshenz­iswa izithako ezingenawo amakhemikh­ali.

Uthe imikhiqizo ayidayisay­o isiza isikhumba esinezindu­na, esomile nesilinyaz­we okhilimu.

Uthe phambilini ubesebenze­la ekhaya kodwa amanje usenendawo yebhizinis­i esenkabeni yedolobha eThekwini ukuze amakhasime­nde afisa ukuthenga azifikele.

"Amakhasime­nde amaningi ngiwathola ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abanye bayafika bazothenga kodwa abaningi baye bacele ukuthi ngibaposel­e imikhiqizo yabo.”

 ?? ?? UNKSZ Nomfundo Ndlovu waseHammar­sdale uthi ukhule enesikhumb­a esingenank­inga kodwa esekhulile waqala wabanezink­inga waze waziqalela eyakhe imikhiiqhi­zo yesikhumba
UNKSZ Nomfundo Ndlovu waseHammar­sdale uthi ukhule enesikhumb­a esingenank­inga kodwa esekhulile waqala wabanezink­inga waze waziqalela eyakhe imikhiiqhi­zo yesikhumba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa