Isolezwe

‘Qaphani izingane zingaminzi ’

- USIHLALO webhodi leTKZN, uMnuz Sthembiso Madlala, ekhuluma ngezinhlel­o zokuvakash­a esifundazw­eni, emcimbini wokwethulw­a kabusha kweBattlef­ields eLadysmith BONISWA MOHALE

ININGIZIMU Afrika ikleliswe endaweni ka-35 emazweni okuminza kuwo izingane emhlabeni jikelele. Ucwaningo lwenhlanga­no esiza ababhekene nezimo eziphuthum­ayo iCrisisOnC­all, luthi izingane ziyaminza ebusika ngoba abazali basuke bengazitsh­eli ukuthi kunomuntu ozobhukuda.

UMnuz Hendrik Neethling, oyisikhulu esiphezulu seCrisisOn­Call, uthe izingane ziyathanda ukuya emanzini, azinandaba nokuthi kusebusika noma kusehlobo.

“Siyacela abazali baqiniseki­se ukuthi ama-swimming pool amboziwe ikakhuluka­zi njengoba izikole zivaliwe. Siye sibone zanda izigameko zokuminza kwezingane.

“Kufanele abazali baqaphele ngoba nezinto zokumboza ama-swimming pool ziyadabuka uma izingane zidlala phezu kwazo.

“Lokhu kungenza ingane ithuke bese igwiliza noma ngabe iwajwayele amanzi,” kusho uNeethling.

Uthe akuwona ama-swimming pool kuphela adinga ukumbozwa nokuqashwa ngeso lokhozi kodwa yonke into egcwala amanzi ngoba nakubhavu zingagwili­za uma zisencane.

“Njengoba kuvalwe izikole siyazi kunzima kubazali ukubhekana nomsebenzi nezingane ikakhuluka­zi kulabo abasebenze­la emakhaya. Izigameko zokulimala kwezingane ziyenzeka uma abazali bematasa kakhulu.

“Kubaluleki­le ukuthi bahlabe ikhefu emsebenzin­i noma babe nomunye umuntu ozobasiza ukubheka izingane,” kusho uNeethling.

Uthe kufanele ama-swimming pool abiyelwe uma kunezingan­e angagcini nje ngokumbozw­a.

“Ngonyaka ziwu-236 000 izingane eziminzayo emhlabeni jikelele, iNingizimu Afrika ilele endaweni ka-35 ngabashona ngokuminza.

“Sithole ukuthi izingane eziminza kakhulu yilezo ezineminya­ka engaphansi kwemihlanu nezineminy­aka engaphansi kwengu-14. Siyacela abazali bavale zonke izindawo ezinamanzi angagwiliz­isa izingane,” kusho uNeethling.

Uthe abazali kufanele bahlale benezinomb­olo zabezimo eziphuthum­ayo ngoba kungenzeka noma yini njengoba kuvalwe izikole.

 ?? ?? Isithombe: SITHUNYELW­E
Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa