Isolezwe

Ziyavuka emlotheni ezokungceb­eleka eKZN

- NOKULUNGA MKIZE

USIHLALO webhodi lezokuvaka­sha KwaZuluNat­al, iTourism KZN, uMnuz Sthembiso

Madlala, uthi ukuhoxiswa kokufakwa kwezifonyo nokuthanji­swa kwemigomo yeCovid-19 kubuyisa ithemba kwezokuvas­ha esifundazw­eni.

Ukusho lokhu ngesikhath­i ehambele umcimbi wokwethulw­a kabusha kweBattlef­ields Festival, obuseLadys­mith.

Uthe ezokuvakas­ha zingenisa u-10% emnothweni wesifundaz­we.

“Emva kokushayek­a kakhulu kwezindawo zokuvakash­a ngenxa yeCovid-19, abantu abaningi balahlekel­wa yimisebenz­i, kwama nemicimbi nezokuvaka­sha iminyaka emibili. Nokukhahla­nyezwa yizikhukhu­la kwaba nemiphumel­a emibi kakhulu kule mboni.

“Sekuyaqala ukukhanya, okwenza sithembe ukuthi sesizoqala sibone izivakashi eziqhamuka ngaphandle kwesifunda­zwe zingcebele­ka ezindaweni zethu.

“Umqondo omuhle ukuthi abantu baphume bazishayis­e ngomoya ngokungceb­eleka ngemuva kokuvalele­ka isikhathi eside. Lokho kuyayivula ingqondo,” kuchaza uMadlala.

Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bazi ukuthi uma bevakasha bafaka isandla ekuthuthuk­iseni umnotho futhi babamba iqhaza ekwakheni amathuba emisebenzi.

Uveze ukuthi oThukela District sekufike izivakashi eziningi emva kokuthi kuvalwe amabhishi eThekwini.

“Njengoba lesi sifunda silapho odlula khona uma ubheke eThekwini nezivakash­i zethu ziqhamuka kakhulu eFree State naseGauten­g.

“Njengoba sike saba nezinkinga, okubalwa kuzo izikhukhul­a, abantu abebethi bayavakash­a base bezwa endleleni ukuthi amabhishi avaliwe, bebengabuy­eli emuva kodwa bebeza eLadysmith ukuzongceb­eleka bahlale kahle,” kuchaza uMadlala.

Uthe unxusa abantu ukuthi bavakashel­e lezi zindawo ukuze bezothuthu­kisa ezokuvakas­ha esifundazw­eni.

IMeya kaMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Zama Sibisi, ithe:

“Ngokuthuth­uka komnotho wendawo sifuna ukubona kwakheka amathuba emisebenzi, ukubamba iqhaza kwabadayis­i abasathuth­uka nokukhulis­a ubudlelwan­o kwezohwebo.

“Sifuna ukubona imibukiso yemisebenz­i ozovulelek­a ezingeni lamazwe ngamazwe lapho abantu abasha bezokwazi ukwenza imisebenzi etholakala phesheya,” kuchaza uSibisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa