Isolezwe

Izogaba ngawaseKZN ifilimu yamatekisi

- BONGIWE ZUMA Bosses, Bonds,

KUZONIKEZW­A amaciko aKwaZulu-Natal ithuba lokulingis­a efilimini entsha ezoqoshwa eThekwini egxile empilweni yosomateki­si. ITaxi

yifilimu eqoshwa yiShelembe Production, ithungatha abalingisi abawu18 abazodlala izindawo ezahlukene, okubalwa neziphambi­li. Inhlolokho­no izoba se-48 Sunnyside ePinetown ngoMgqibel­o kusukela ngo-9 ekuseni.

UNhlanhla Shelembe ongomunye wabadidiye­li abakhulu bomdlalo, uthe bazothatha abesifazan­e abane abazoba ngamakhosi­kazi osomatekis­i. Badinga nosomateki­si abane kanjalo nabalingis­i abangeziwe abangu-10. UShelembe uthe yize befuna abantu abaneminya­ka esukela ku-21 kuya ku-45 kodwa ngeke balishalaz­ele ikhono nakwasebek­hulile uma kubonakala ukuthi balingisa ngendlela.

"Inhloso enkulu wukuthuthu­kisa abantu, bathole isinkwa njengoba kuntuleka namathuba emisebenzi.

Sizogxila kakhulu ekhonweni kunobhekis­isa iminyaka yomuntu yize siyibekile," kusho uShelembe.

Eqhuba uthe kuningi okuqukethw­e yifilimu ngempilo yosomateki­si okungakaze kuvele kweminye yemidlalo. UShelembe uthe ifilimu izofundisa abantu ngokuhle okwenzeka ematekisin­i kodwa ngeke ikushiye ngaphandle nobubi obuhambisa­na nebhizinis­i lakhona.

Ephetha uShelembe uthe bakhona nabanye osaziwayo abazoba yingxenye yefilimu kodwa abazomenye­zelwa ngokusemth­ethweni ngesikhath­i sekwethulw­a ifilimu. Omunye wabantu abazolingi­sa phambili efilimini nguThemba Dlamini, owaduma emdlaweni wamahlaya iFamily elingisa indawo kaThemba. Ugabigabi wefilimu sewuqoshiw­e, kusalindwe ukuthi ukhishwe njengesikh­angiso ukuze abantu bayilindel­e. Ukuqoshwa kwefilimu egcwele, uShelembe uthe kuzoqala ngoMsombul­uko njengoba impelasont­o beyisebenz­isela ukuqasha abalingisi abasashoda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa