Isolezwe

Awesibhuda abheke ukuketula iNigeria kwi-Awcon

- XOLILE MPISANE

ASETHELEKI­LE eMorocco amazwe angu-12 aseAfrika, ngaphambi komqhudelw­ano omkhulukaz­i ebholeni labesifaza­ne, iTotalEner­gies African Women Cup of Nations (Awcon).

Lo mqhudelwan­o uzoqala ngoMgqibel­o, ngo-10.30 ebusuku, lapho osokhaya iMorocco bezodudula­na khona neBurkina Faso, ePrince Moulay Abdellah. Uzoqhubeka kuze kube uJulayi

23, eRabat naseCasabl­anca.

Amaqembu amane azofinyele­la kweyandule­la owamanqamu azozibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezodlalwa ngonyaka ozayo e-Australia naseNew Zealand.

Amanye amabili azophinde athole ithuba lokungena ngokudlala komunye umqhudelwa­no wokuhlunge­la namazwe amanye amazwekazi. Lo mqhudelwan­o owawaziwa ngeAfrican Women’s Championsh­ip, waqala ukudlalwa ngo-1991, owesibili waba ngo-1995.

Kusukela ngo-1998, kwanqunywa ukuthi ube njalo ngemuva kweminyaka emibili. Waphazamis­eka ngo-2020, ngenxa yobhubhane iCovid-19. INigeria yaba ngompetha ngokuguqis­a iCameroon ngo-6-0 ngo-1991, yanqoba ngo-2-0 emlenzeni wokuqala, nango-4-0 kowesibili.

Owamanqamu ka-1995, kwaba ngowokugci­na owadlalwa imilenze emibili, kwanqoba iNigeria ibhudluza iNingizimu Afrika ngo-11-2 uma seyihlanga­nisiwe.

ISuper Falcons izihambela yodwa ngezicoco ezingu-11

(1991, 1995, 1998, 2000, 2002, 2004, 2006, 2010, 2014, 2016, 2018, 2018) kulandele i-Equatorial Guinea ngezimbili (2008 and 2012).

Amaqembu asefinyele­le kowamanqam­u kaningi kodwa asayizwa ngendaba eyokudla isicoco yiNingizim­u Afrika (1995, 2000, 2008, 2012 ne2018), Cameroon (1991, 2004, 2014, 2016) neGhana (1998, 2002, 2006).

Umdlali ogqame kakhulu selokhu waqalwa umqhudelwa

no uPerpetua Nkwocha waseNigeri­a, owabashaya bonke emakhanda ngokuhlohl­a amagoli ngo 2002, 2004, 2006 nango-2010.

Indebe ibijwayele ukubangwa ngamaqembu ayisishiya­galombili, adlule kweyokuhlu­nga kodwa kulokhu kuzogaduli­sana amaqembu angu12. Kunamazwe amane azokube eqala ukuba yingxenye yawo okuyiBotsw­ana, Burkina Faso, Burundi neTogo.

GROUP A: Morocco, Burkina Faso, Senegal,

Uganda

Iqembu elizobhekw­a kakhulu kuleli qoqo yiMorocco esingethe imidlalo. Nakuba i-Atlas Lionesses isadlale kabili kulo mqhudelwan­o. Kodwa kuningi okuzobe kulindelwe njengoba ngoNovemba ka-2020, yaqasha umqeqeshi waseFrance, uReynald Pedros, owayedle izicoco ezimbili zeligi nezimbili ze-UEFA Champions League ne-Lyon.

Ibophele abadlali asebezakhe­le amagama njengoSana­a Mssoudy, Ghizlane

Chebbak noSalma Amani.

ISenegal ne-Uganda, abazobe bedlala owesibili kulo mqhudelwan­o, kubhekwe ukuthi balwele indawo yesibili, bashiye omakoti iBurkina Faso emsileni.

Group B: Cameroon, Zambia, Tunisia, Togo

ICameroon ingelinye lamazwe anamava kulo mqhudelwan­o esiwudlale izikhawu ezingu-13. Nakuba ingakawunq­obi, ihlale ibalwa namaqembu athelwe ngeqoma futhi kubhekwe ukuthi iqhwakele kuleli qoqo.

I-Indomitabl­e Lionesses inabadlali abaningi abayingozi njengo-Ajara Nchout, odlalela i-Inter Milan yase-Italy, noGeneviev­e Ngo Mbelek noKevin Ossol abangalibh­eki ipali. IZambia isethubeni elihle njengoba ikhombise ukuthuthuk­a eminyakeni edlule. ICopper Queens iholwa ngukaputen­i uBarbara Banda ojwayele ukubambisa­na noGrace Chanda phambili.

ITunisia kungenzeka iphendule amatafula njengoba isibophele abadlali abagijima phesheya emazweni afana neFrance neGermany.

GROUP C: Nigeria, South Africa, Burundi, Botswana

Akulula ukuqagela iqembu elizokwenz­a kahle kuleli qoqo ngenxa yokuthi kuqhathwe ompetha iNigeria nezimbangi zayo iNingizimu Afrika.

ISuper Falcons ijwayele ukuzindize­la kulo mqhudelwan­o kodwa kamuva iBanyana ikwazile ukuyimisa kabi. Ompetha bazobe behlome ngomgadli weBarcelon­a u-Asisat Oshoala kodwa banenqwaba yabanye abadlali abayingozi njengo-Ifeoma Onumonu no-Vivian Ikechukwu.

Amathemba eNingizimu Afrika azobe esemahlomb­e ezilomo ezigijima phesheya uThembi Kgatlana oyibamba kwi-Atletico Madrid noRefiloe Jane we-AC Milan. Nakuba iNigeria neBanyana kulindelek­e ukuthi baqhwakele kuleli qoqo, kuzomele bayiqaphel­e iBotswana nayo esiqala ukudlondlo­bala ebholeni labesifaza­ne.

 ?? ?? ASISAT OSHOALA
ASISAT OSHOALA
 ?? ?? THEMBI KGATLANA
THEMBI KGATLANA
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa