Isolezwe

UZondo uthulela uMato isigqoko ngesinqumo sabaqeqesh­i be-Arrows

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ILAMONTVIL­LE Goolden Arrows inembe enxebeni ngokunika ngokugcwel­e uVusimuzi “Kanu” Vilakazi noMabhuti Khenyeza, umsebenzi wokuqeqesh­a leli qembu ngesizini ezayo yeDStv Premiershi­p.

Lona umbono woqweqwe lomqeqeshi, uKhabonina Zondo, oqale ukusebenza kuBafana Bes’thende besengabad­lali abancane uVikalazi noKhenyeza.

NgoLwesibi­li i-Arrows ikhiphe isitatimen­de esifushane ezinkundle­ni zayo zokuxhuman­a imemezela ukuthi laba baqeqeshi abakhulele kuleli qembu, yibona abazobe beshayela umkhumbi ngesizini ezayo.

UVilakazi noKhenyeza abakhulele kuyona i-Arrows yibona vele abaqede isizini edlule besebhents­hini kulandela ukukhonjwa indlela kukaLehloh­onolo Seema ngoMashi.

Emidlalwen­i yokugcina eyisithuph­a yeligi bebambile, i-Arrows ishaywe kanye (Baroka FC).

UZondo uthe, isinqumo sikasihlal­o we-Arrows, uMato Madlala, sokunika umsebenzi uVilakazi noKhenyeza, siyizinkom­ba zokuthi uyabuqonda ubumqoka bokugcina isiko laBafana Bes’thende.

“Engikuthan­da kakhulu ngeArrows ukuthi ihlale yenza ngendlela ehlukile kunamanye amaqembu ikakhuluka­zi kubadlali bayo bakudala nangokuzig­qaja ngokungagu­dluki kwisikompi­lo layo,” kusho uZondo.

“UKhenyeza noVilakazi ngokwahluk­ana bahlale iminyaka eminingi kwi-Arrows beziphethe kahle futhi benza ngendlela encomekayo nasenkundl­eni.

“Bobabili bafike bengabafan­a manje bangabaqeq­eshi abakhule kahle ngaphansi kwezinhlak­a ezifanele zokuqeqesh­a.

“Ngiyababon­gela ngokuthi sebeze bafika kuleli zinga ngoba bobabili bayazi ukusuka nokuhlala i-Arrows,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Okumjabuli­sa kakhulu uZondo ukuthi lesi sinqumo sikhomba ukuthi i-Arrows iyohlale yaziwa ngale ndlela eyaziwa ngayo.

“Bayazi ukuthi sibatholep­hi sabaphendu­la abadlali bebhola elikhokhel­ayo ngakho-ke angingabaz­i ukuthi nabo bazokwenza okufanayo. Kuhle futhi ngoba kuzothi noma uKhenyeza ephakanyel­wa umoya, uVilakazi ungumuntu ophansi.

“Okumnandi kunakho konke ukuthi uhlobo lwabadlali oluzokhiqi­zwa i-Arrows ngeke lushintshe.”

Ngaphambi kokusonga uZondo utuse uMadlala ngokusika iphethini kumfowabo ongasekho uRocky Madlala.

“USis Mato ungikhumbu­za uRocky ongasekho ngokukhole­lwa kokungokwa­bo. Abakholelw­a ekulandeni abantu abangazi lutho nge-Arrows ngoba lokho kunobungoz­i bokulishin­tsha iqembu.

“Lokhu akwenzayo ukuvikela nokugcina isikompilo le-Arrows ngakho-ke ngimethule­la isigqoko ngalokho,” kusho uZondo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa