ULekgwathi uxakwa ukuthambisa isandla kukaJele
UKAPUTENI wokuqina weminyaka edlule kwiOrlando Pirates, uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi, umangazwa ushintsho alubona kukaputeni wamanje kwiBucs, uHappy Jele, amchaze njengosethambile ekubeni wayebathuka yize bebadala kunaye, uma kukhona akubona kungahambi kahle.
ULekgwathi oqukule izinkomishi eziyisithupha kumasizini amabili nePirates phakathi kuka2010 no-2012, ube nengxoxo neSolezwe ngokwenzeka eqenjini lakhe lakudala kodwa uqome ukugxila kwakubona kukaputeni wamanje uJele, oneminyaka engu-35.
NgokukaLekgwathi, iPirates ibe nesizini engcono ngo-2021/2022 kodwa yashoda ngomdlali ozofana nephoyisa labaqeqeshi athuke ngisho inhlamba uma ebona ukuthi izinto azenzeki ngendlela.
Nakuba uLekgwathi ekholelwa ebuholini bukaJele osedlalele iPirates kwiligi amahlandla angaphezulu kwangu-400, kodwa unombono wokuthi kufanele abuyele kulo mfana omncane abewuyena phambilini.
“UJele ufikele kubadlali abebeshaya umthetho kwiPirates njengoTso (Bennedict Vilakazi), wakhula nayo le nto, nathi sibadala kunaye kwasicacela ukuthi uzoba wumholi wakusasa,” kusho uLekgwathi.
“Isikhathi esiningi ngiyabuzwa ukuthi yini le ebengiyibona kuJele engakaqokwa ngoba bengimethula njengokaputeni wePirates wakusasa njalo kubantu?
“Uma kukhona esingakwenzi kahle (mina noSiyabonga Sangweni), ubesithuka nangenhlamba kodwa muva nje, useshintshile.
“Kunemidlalo eminingi lapho bekucaca khona ukuthi iPirates ishoda ngomuntu ofana nomqeqeshi enkundleni kodwa kugcine konakele ekubeni bekusobala ukuthi zonke izinto zivuna yona. Angazi kanjani kodwa useyathula nje, laba bafana bazenzele. “Ngezikhathi zethu, uJele ubezwakala uma ekhuluma yize ebemncane kodwa manje kubukeka sengathi uyabayeka bazicanasele,” kuqhuba uLekgwathi.
Uthe enkundleni kudingeka umholi okhuluma kuzwakale, kungaze kulungise abaqeqeshi.
“Ngaphandle komholi okungadingeki ukuthi aze afike kumqeqeshi ukuze izinto zilunge, mancane amathuba okwakha ukhonkolo weqembu. Kuyishayile lokhu iPirates ngesizini edlule.”
Yize ekhala ngalokhu, uLekgwathi kodwa unethemba lokuthi uJele uzobuyela kulo amazayo.
“Ulwazi lokuhola iPirates uluncele kokaputeni abafanele ngakho-ke kungenzeka ukuthi kukhona esingakwazi obekumenza amele emuva kodwa sithemba ukuthi njengoba kuzoqala isizini entsha, kuzobuya uJele ojwayelekile.”
Imenenja kaJele, uJazzman Mahlakgane, ayizange ilubambe ucingo ngesikhathi ithintwa Isolezwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iPirates iyivuselele ngempela yini ngesizini eyodwa inkontileka yalesi sitobha.
Sekuneminyaka inkontileka kaJele ivuselelwa ngesizini kweZimnyama.