Isolezwe

ULekgwathi uxakwa ukuthambis­a isandla kukaJele

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKAPUTENI wokuqina weminyaka edlule kwiOrlando Pirates, uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi, umangazwa ushintsho alubona kukaputeni wamanje kwiBucs, uHappy Jele, amchaze njengoseth­ambile ekubeni wayebathuk­a yize bebadala kunaye, uma kukhona akubona kungahambi kahle.

ULekgwathi oqukule izinkomish­i eziyisithu­pha kumasizini amabili nePirates phakathi kuka2010 no-2012, ube nengxoxo neSolezwe ngokwenzek­a eqenjini lakhe lakudala kodwa uqome ukugxila kwakubona kukaputeni wamanje uJele, oneminyaka engu-35.

NgokukaLek­gwathi, iPirates ibe nesizini engcono ngo-2021/2022 kodwa yashoda ngomdlali ozofana nephoyisa labaqeqesh­i athuke ngisho inhlamba uma ebona ukuthi izinto azenzeki ngendlela.

Nakuba uLekgwathi ekholelwa ebuholini bukaJele osedlalele iPirates kwiligi amahlandla angaphezul­u kwangu-400, kodwa unombono wokuthi kufanele abuyele kulo mfana omncane abewuyena phambilini.

“UJele ufikele kubadlali abebeshaya umthetho kwiPirates njengoTso (Bennedict Vilakazi), wakhula nayo le nto, nathi sibadala kunaye kwasicacel­a ukuthi uzoba wumholi wakusasa,” kusho uLekgwathi.

“Isikhathi esiningi ngiyabuzwa ukuthi yini le ebengiyibo­na kuJele engakaqokw­a ngoba bengimethu­la njengokapu­teni wePirates wakusasa njalo kubantu?

“Uma kukhona esingakwen­zi kahle (mina noSiyabong­a Sangweni), ubesithuka nangenhlam­ba kodwa muva nje, useshintsh­ile.

“Kunemidlal­o eminingi lapho bekucaca khona ukuthi iPirates ishoda ngomuntu ofana nomqeqeshi enkundleni kodwa kugcine konakele ekubeni bekusobala ukuthi zonke izinto zivuna yona. Angazi kanjani kodwa useyathula nje, laba bafana bazenzele. “Ngezikhath­i zethu, uJele ubezwakala uma ekhuluma yize ebemncane kodwa manje kubukeka sengathi uyabayeka bazicanase­le,” kuqhuba uLekgwathi.

Uthe enkundleni kudingeka umholi okhuluma kuzwakale, kungaze kulungise abaqeqeshi.

“Ngaphandle komholi okungading­eki ukuthi aze afike kumqeqeshi ukuze izinto zilunge, mancane amathuba okwakha ukhonkolo weqembu. Kuyishayil­e lokhu iPirates ngesizini edlule.”

Yize ekhala ngalokhu, uLekgwathi kodwa unethemba lokuthi uJele uzobuyela kulo amazayo.

“Ulwazi lokuhola iPirates uluncele kokaputeni abafanele ngakho-ke kungenzeka ukuthi kukhona esingakwaz­i obekumenza amele emuva kodwa sithemba ukuthi njengoba kuzoqala isizini entsha, kuzobuya uJele ojwayeleki­le.”

Imenenja kaJele, uJazzman Mahlakgane, ayizange ilubambe ucingo ngesikhath­i ithintwa Isolezwe ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi iPirates iyivuselel­e ngempela yini ngesizini eyodwa inkontilek­a yalesi sitobha.

Sekuneminy­aka inkontilek­a kaJele ivuselelwa ngesizini kweZimnyam­a.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? UHAPPY Jele ukaputeni we-Orlando Pirates unxuswa ukuba abe yizwi elizolawul­a abadlali enkundleni Isithombe: BACKPAGEPI­X
UHAPPY Jele ukaputeni we-Orlando Pirates unxuswa ukuba abe yizwi elizolawul­a abadlali enkundleni Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa