Abaqashi babuyise izigidi zeyeCovid-19 Ters
I-UNEMPLOYMENT Insurance Fund (UIF) ithi abaqashi sebebuyise uR3.4 billion abahlomula ngawo kungafanele ngesikhathi seCovid-19 Temporary Employer-Employee Relief Scheme (Covid-19 Ters).
Lezi zindaba zivezwe wuKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping, othe abaqashi bayazivolontiyela ukuletha le mali.
UMaruping uthe ukumemezela kwabo ezindabeni, ukuthi banohlelo lokuphenya ukuthi yonke imali ye-UIF yaya kubantu abafanele, yikona okwenza abaqashi abahlomule ngokungafanele bavolontiye ukubuyisa imali.
“Izinhlelo zethu zokubuyisa imali eyakhwatshaniswa ziyaqhubeka njengoba siyilandela yonke imali eyakhokhwa yi-UIF ngesikhathi seCovid-19 Ters.
Silindele ukuthi sande isibalo sabaqashi abazobuyisa imali,” kusho uMaruping.
Iphini lomqondisi wokulawulwa kwe-UIF, uMnuz Smiso Nkosi, lithe abacwaningimabhuku sebehlolisise kahle ukuthi imali ewuR14.1 billion yeCovid-19 Ters yashonaphi esigabeni sokuqala.
Uthe le mali kutholakale ukuthi isebenze kanjena:
UR12.8 billion kutholakale ukuthi waya kubantu abafanele, uR918 million ubuyisiswe ngohlelo lokulandela imali lwe-UIF, ngebhadi uR387 million kusokalaka ukuthi wakhwatshaniswa futhi kuyaphenywa ngawo.
Uthe abaphenyi babheka yonke into kusukela kumqashi, abasebenzi abakhokheliwe nokuthi imininingwane eyasetshenziswa ngeyabantu bangempela, abaqashi abazange bayisebenzisele izinhloso zabo.
Esigabeni sesibili esiqala ngoJulayi sokulandela imali, kuzobhekwa enye eyakhokhwa ukuthi yenza okufanele yini.
UMnuz Makhosonke Buthelezi, obhekelele ezokuxhumana nokukhangisa kwi-UIF, uthe ezweni jikelele i-UIF yakhokha uR61 billion weCovid-19 Ters kanti bayaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi imali yaya kubantu abafanele.
Uveze ukuthi njengamanje kunamacala awu-750 okukhwabanisa aphenywayo, awu-102 asedluliselwe kwiFusion Centre ukuze iphenye bese ishushisa kanti awu-172 adluliselwe kwiSpecial Investigations Unit (SIU) ukuze aphenywe kabanzi.
Uphethe ngokuthi i-UIF iyaqhubeka nokukhokha ezinye izibonelelo zayo ezijwayelekile kubasebenzi abadiliziwe, abakhulelwe nabanye.