I-Covid-19 ivumbulule uthando lokupheka kuye
INGQINAMBA yokungabi nayo imali yokuqhubeka nokwenza izifundo zakhe eyadalwa ukubhoka kweCovid-19 ngasekuqaleni kuka2020, yavumbulula uthando lwekhishi kowesifazane waseKloof, ePinetown, okuyinto angakaze azitshele ukuthi unayo ngaleyo ndlela.
UNksz Anathi Xaba (22), osezakhele igama ngama-video akhe okupheka nama-recipe okudla kwakhe okwehla esiphundu, uthi uthando lwakhe lokupheka lukhula usuku nosuku.
Elandisa uthe waqala ukuba nothando lwekhishi ngesikhathi kuqala umvalelandlini.
“Ngaleso sikhathi sasivaleleke ezindlini, singakwazi kwenza lutho. Kwaba nesimo sokuthi umama akasakwazi ukuqhubeka abe namandla okukhokhela izifundo zami zeBachelor of Art in Communications Science.
“Bengihleli ekhaya isikhathi esiningi futhi ngazi ukuthi ngeke ngisabuyela esikoleni. Yilapho-ke engifune khona into engizochitha ngayo isizungu,” kusho uNksz Xaba.
Uthe ubezihlanganisela izinhlobo ezahlukene zokudla ngokuzicabangela, nangokususela kwiYouTube.
Uthe ubethi uma esehlanganisile, enze into ehlukile, ekhangayo.
Ube esevula ikhasi lakhe ezinkundleni zokuxhumana lapho abefaka khona izithako zakhe zokudla, izithombe zokudla kwakhe akuphekile kanjalo namavideo akho.
“Abantu bebekuthakasela lokhu, bebuza imibuzo, ngibaphendule, bahambe bayopheka ukudla okufanayo nabo, babuye bangikhombise,” kusho uNksz Xaba.
Uthe lokhu bekumjabulisa futhi engabheke nzuzo kodwa ejatshuliswa nje wukuthi unikeza ngolwazi kubantu abafuna ukupheka ukudla okumnandi abakubone ekhasini lakhe.
UNksz Xaba uthi kumsize ukufaka umsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana ngoba kumtholele uxhaso ezinkampanini ezinkulu, ezifana ne-Aunt Caroline, Nestle, Woolworths, Lucky Star neFoodies SA.
Uveze ukuthi ubuye athole umsebenzi wokuyophekela imicimbi yabantu. Uthe awumile uyakhula umsebenzi wakhe njengoba abantu bengawuvali umlomo ngokudla kwakhe. Uthe emsebenzini wakhe wokupheka usenezele nowokuhlobisa ngezimbali nangamabhelunde nokubhaka amakhekhe.
Uthe ufisa ukuqwashisa intsha ukuthi ingalokothi iphose ithawula kunoma yini ebhekene nayo.
“Ngesikhathi ngibona ukuthi angeke ngisakwazi ukubuyela esikoleni, ngangidangele kodwa ngafikelwa wumqondo wokusungula ikhasi lokudla ukuze ngingabi nokhwantalala.
“Kuthe uma abantu bekhombisa ukuwuthanda umsebenzi wami, bewulandela, ngabona ukuthi ngigqugquzela abaningi,” kusho uNksz Xaba.
Ukuthola uxhaso lokuqala kwamkhombisa ukuthi ibhizinisi akulo angaziphilisa ngalo.