Silahlekelwe sonke ngokwenzeke e-Eastern Cape
MHLELI: Ngokukhulu ukuzithoba nenhlonipho ngicela ukubhonga emswaneni emindenini nezihlobo zentsha ephangalale endaweni yaseScenery Park, eMonti, e-Eastern Cape.
Siyashaqisa kakhulu isigameko sokufa kwentsha yakithi ifela emanyaleni kwazise imindeni, izihlobo nesizwe sonke silahlekelwe kakhulu njengoba abaphangalele bebesebancane kakhulu ngokweminyaka.
Ukufa komuntu osemncane kusho ukulahlekelwa kwesizwe sonke kwazise inkunzi isematholeni.
Nakuba kungakacaci ukuthi yisiphi isizathu sokufa kwabantu abaningi kangaka eNyobeni
Tarven kepha sinethemba lokuthi iqiniso lizohlala obala emva kwemiphumela yophenyo.
Miningi imibuzo esinayo siyisizwe ngalesi sigameko futhi ngiyacabanga ukuthi nakuba ingeke isabuya imiphefumulo elahlekile kepha ukuthola iqiniso kuyoyikhulula imindeni nezihlobo ezilahlekelwe.
Izinsolo zokuthi onogada bale ndawo yokucima ukoma bafutha ngesisi esiyingozi ngenhloso yokulawula isimo esase siphuma endleleni, zingiphule umoya kakhulu.
Muva nje, sekukhona ezintsha ezithi kungenzeka ukuthi abafa bahogela isisi somshini obizwa nge-generator kanti namaphoyisa ayakuqinisekisa impela ukuthi awufica lo mshini endaweni yesigameko.
Kuyamangaza ukuthi iningi labashonayo lingaphansi kweminyaka evumelekile ukuhlala endaweni yokucima ukoma nakuba le ndawo kuvela ukuthi inezincwadi ezisemthethweni zokwenza lo msebenzi.
Konke lokhu kusitshela ukuthi okubalulekile ezindaweni zokucima ukoma yinzuzo kunempilo yabathandiweyo bethu.
Mhlawumbe nathi njengesizwe nabazali kufanele sizinuke amakhwapha ngokwenzekile ukuthi senzani ukuxwayisa izingane ngobungozi botshwala?
Omunye umbuzo ungathi ulala kanjani ungumzali ingane yakho eneminyaka engaphasi kuka-18 ingekho ekhaya?
Nakho nje ukuphuzwa kotshwala mahhala kuleya ndawo futhi buphuzwa abantu abancane ngokweminyaka kuqubula imibuzo.
Ngicela imindeni nezihlobo baduduzeke baphinde bathandazele ukuphola kwezinhliziyo, akulahlekelwanga bona bodwa kepha silahlekelwe sonke siyisizwe. Sengathi uMvelinqangi angabathoba amanxeba.
Phondolwendlovu Mzolo
KWANYAVU