Izazi zomthetho zibona iCosmos isindile olakeni lwePSL
IZAZI zomthetho ezindabeni zikanobhutshuzwayo, uRaymond Hack noMandla Tshabalala, ziyavumelana ngokuthi iJomo Cosmos ethinteka ezinsolweni ezibucayi, isindile olakeni lwePremier Soccer League (PSL), ngoba ayiselona ilungu lebhola elikhokhelayo lakuleli kusukela namuhla (1 July).
ICosmos ingene kwelikhulu ekuqaleni kwesonto, sekuphoqeleka ukuba ixolise kulandela ukuhoxisa kwayo isimangalo ebisifake ngabameli kwiPSL, ngeHungry
Lions ebiyisola ngokudlalisa uTshepo Mohlala ngokungekho emthethweni.
Kuvele ukuthi ukubanjwa kweCosmos oqotsheni abameli beHungry Lions ukuthi babuphekile ubufakazi, yikhona okuholele ekutheni iqhamuke isihoxa sekusele kancane kungene icala, ukugwema ukuhlazeka.
Ukuhoxa kwecala kuqinisekiswe nguZola Majvu, ongumshushisi wePSL, ngoMsombuluko ebusuku, lapho ebale khona nezimali okufanele zikhokhwe yiCosmos ngokungena kwecala.
UHack, okhulume neSolezwe eseBudapest, eHungary, izolo ekuseni uthe ukugcizelela kweligi ukuthi akekho kwabathintekayo onegunya lokuqhubeka, kumbe ukuphawula ngalo kwabezindaba kuyazikhulumela kukodwa.
“Ukube kukhona obekuzokwenzeka ngabe kwenzeka ngosuku lwesimemezelo sePSL, ngokuhoxa kweCosmos.
“Ukugcizelelwa kokuthi akekho onegunya lokuyisa udaba phambili, kuyixoxa kuyiqede indaba.
“Kusukela ngoJulayi 1, iCosmos izobe isidlala kuma-amesha,” usho kanje ekhala ngokumpintsheka.
Lokhu kulandele inkulumo kaTshabalala, obekhuluma ngodaba olufanayo kwiMetro FM ngoLwesibili.
“Kusukela ngoLwesihlanu (namuhla), buyaphela ubudlelwano obuphakathi kweCosmos nesigaba esikhokhelayo ngoba sona sibheke okwenzeka kuphela kwiDStv Premiership nakwiGladAfrica Championship,” kusho uTshabalala.
“Angikholwa wukuthi kukhona iligi esengakwenza okuthinta ukushushisa iCosmos, ngoba ayisenawo amandla okuyithinta kwazise ayisekho ngaphansi kwayo (iligi).”
Leli phephandaba selingakusho ukuthi isixoliso seCosmos asikaze sibonakale emphakathini. Kodwa-ke uMajavu wakusho kwacaca ukuthi akekho osekumele abuzwe ngodaba.