IBay kayibheke milingo kwiDStv Premiership
I-RICHARDS Bay FC izibekele iminyaka emithathu ngaphambi kokudlalela ukuwina izindebe kwiDStv Premiership. Lokhu kudalulwe ngusihlalo uSifiso "Jomo" Biyela ngesikhathi ethula abadlali abasha eGecko Inn, eRichards Bay, izolo.
IBay inyukele kwiPremiership emuva kokuwina iligi yeGladAfrica Championship ngesizini ka-2021/2022.
Ngemuva kokuwina iligi, iNatal Rich Boyz idedele abadlali abayisishiyagalolunye kwabangu-25 abayinyusele esigabeni esikhulu. Izindawo zabo zivalwe ngabangu-10 abaphuma emaqenjini ahlukene adlala kwiPremiership, GladAfrica ne-ABC Motsepe League.
Kubadlali abethulwe yiBay kukhona uNtuthuko Mabaso ongomunye wabadlali abahlukane ne-Orlando Pirates emasontweni edlule. Omunye oqhamuka kwiBucs, uNkanyiso Zungu, leli qembu laseSoweto ebeselivele likuqinisekisile ukuthi ubolekiswe kulabo bakoti bePremiership.
Abanye abadlali abasha beBay; nguYanela Mbuthuma (Thohoyandou FC), Thulani Gumede (Royal Coastal FC), Michael Gumede (Golden Arrows), Motome Mabeba (TS Sporting), Sibusiso Mthethwa (Stellenbosch FC), Ndiviwe Mdabuka (Cape Town All Stars), Sanele
Barnes (University of Pretoria) noSiyanda Dlamini (Uthongathi).
Nakuba besayinise inqwaba yabadlali kodwa uBiyela uthe ababhekile izimanga ngesizini yabo yokuqala kwiPremiership.
"Sizoqala emuva kweminyaka emithathu ukulwela izindebe. Okwamanje sizothokozela ukudlala ibhola. Asifuni ukugawulwa yizembe. Ngibatshelile abaqeqeshi nezikhulu esikudingayo ngesizini ezayo wukuhlala kwiPremiership.
“Asifuni ukubalwa namaqembu amathathu aphezulu, asifuni ukuya e-Afrika, asifuni ukubalwa nayisishiyagalombili. Sifuna ukuqoqa amaphuzu zibekwa. Asifuni ukuvika izembe ngosuku lokugcina.
“Unombolo-10 ulungile. Lolu wuhlelo lweminyaka emithathu. Ngesizini elandelayo ezayo sizozinza. Emuva kwalokho, sizolwela izindebe," kusho uBiyela.
Ngaphandle kwabadlali, uBiyela umemezele umqeqeshi, uVasili Masounakis, obekade eyiphini lomqeqeshi kuMaZulu, njengenhloko yabaqeqeshi. UJames Dlamini uqokwe njengemenenjajikelele.
Eqenjini leDiski Challenge kuzoqeqesha uNkosenhle Ngema. Iphini lakhe kuzoba nguSiboniso "Jomo" Gumede. UMbongeni "Kati" Mzimela uzoba ngumqeqeshi wonozinti.
Mayelana nokuqokwa kukaMasounakis, uBiyela uthe kade bedinga umqeqeshi onolwazi olunzulu.
"IPremiership yiligi ehlukile. Sihlale phansi nomqeqeshi uPitso (Dladla) sabona ukuthi uyena kuphela ongasisiza. Indlela asebenze ngayo nabanye abaqeqeshi, nendlela ayiyona," kusho uBiyela.