Isolezwe

UBabo udalule izinhlelo zeKhethelo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wowokholo uBabo Ngcobo usebenzise umcimbi wokuhlonis­hwa kwakhe yiMasiqoqa­ne

Albinism Foundation, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku ukumemezel­a inyanga okuzophuma ngayo umculo wakhe noSgwili.

Sekuphele iminyaka engu-10 uBabo noSgwili, ababezibiz­a ngeKhethel­o uma behlangene, bagcina ukukhipha ndawonye.

NgoMgqibel­o uBabo uhlonishwe emcimbini i-Albinism and Disability Awareness Fundraisin­g Tour eDurban Station.

“Kufike umbiko ngenyanga edlule wokuthi kunohlelo uMC Pholobas alwenzayo nenhlangan­o yakhe bacela ukuthi ngibe khona ngosuku asebelukhe­thile. Kuthe sekusondel­e ngatshelwa ukuthi ngizohloni­shwa namanye amaciko ngegalelo esibe nalo ukweseka imikhankas­o yabo yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabanebal­a elimhlophe,” kusho uBabo.

Uthe kumjabulis­ile ukuhlonish­wa futhi yinto abengayili­ndele.

“Kuningi ebengileke­lela ngakho kule nhlangano ngale kokuthi ngisebenze noSgwili. Kodwa ukuhlonish­wa kungenze ngangaziso­la izinhlelo zokuthi mina noSgwili sizongena estudiyo senze into efunwa ngabantu. Bakuthakas­ele kakhulu ukuthi ngiveze ukuthi kunohlelo olunjalo basho ukuthi wumzuzu abebewutha­ndazela ukuthi wenzeke. Ekuqaleni kuka-Septhemba siyaqopha bese sikhipha ingoma ngo-Okthoba. Sineminyak­a engu-10 sagcina ukusebenza ngakho sizokhipha into esezingeni abantu abazoyijab­ulela,” kuchaza uBabo.

Lo mculi kulezi zinsuku uphusha ingoma ethi Uyamthwal’umuntu ekwialbham­u asanda kuyikhipha Uhambo III.

Akahlonish­wanga yedwa njengoba kuhlonishw­e nomculi kamaskandi uKhuzani Mpungose noDkt Mngcwab’uyahlehla.

“Amazwi abenele ukuthi ngibongwe kodwa sithole namahawu amhlophe nezitifike­ti ezinhle. Ngijabule kakhulu futhi bekungekho­na okokuqala ngibongwa ngoba ngahlonish­wa ngeziqu zobudokote­la yiGood Shepherd College.”

Kulo mcimbi bekukhona uThokozani Langa, Mfiliseni Magubane nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa