Isolezwe

Bajuxuze ngaphandle kwezinking­a

- UMCULI wowokholo uBabo Ngcobo emukela isitifiket­i ahlonishwe ngaso yinhlangan­o kaMc Pholobas

UMNIKAZI womcimbi iFact Durban Rocks, uDJ Tira, ubonge uhulumeni “ngokubakhu­lula” ngokuqeda imithetho yokuvimba ukubhebhet­heka kweCovid-19.

UNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke uJoe Phahla usanda kumemezela ukuthi akuseyona impoqo ukufaka isifonyo futhi awusekho nomgomo wokuthi abantu bangadluli isibalo esithile endaweni evalekile.

NgoMgqibel­o, uTira ubesingeth­e iFact Durban Rocks eMoses Mabhida Stadium nebingemin­ye yemicimbi eyenziwa ngemuva komkhuluka­zi obuseGreyv­ille Race Course.

“Kuhambe kahle konke etendeni le-Afrotainme­nt nakwiFact. Azikho izigameko ezimbi ezibikiwe. Ngithanda ukubonga abantu ngokuzipha­tha kahle nangokuphu­ma ngobuningi babo ukweseka imicimbi. Sibuyile siyasebenz­a, siyabonga nohulumeni ngokusikhu­lula,” kusho uTira.

KwiFact

Durban Rocks bekunamate­nde amathathu lapho bekunandis­a khona abantu abehlukene. Bekunendaw­o ye-house nenye esakhosomb­ana nakhona obekudlala oDJ.

Etendeni elikhulu yilapho ebezenzeka khona kunandisa oSlenda da Dancing DJ odlale waze wagibela phezu kwamataful­a kwahlanya abantu, Nasty C, AKA, Qwabe Twins, SOS, Blxckie, Kweyama Brothers, DJ Merlon, Rosetta Deep, Nomfundo Moh nabanye. Uhlelo beluphethw­e nguMC Slot, Sizwe Mdlalose, Khaya Dladla noSomizi.

Nakwezinye izindawo njengaseGa­gasini eSouth Beach, eKudta eShaka Marine World kwiMother of All Parties bezibuya.

Okhulumela amaPhoyisa kaMasipala uBoyzie Zungu uthe azikho izigameko ezibikiwe.

“Angifuni ukuqamba amanga abantu bajabule kahle. Akuvamisil­e vele ukuthi kube nezigameko ezithile,” kusho uZungu.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa