Zimkhalele obanjwe eqhoqhobele ingane
OWESIFAZANE waKwaMachi, eHarding, kuthiwa ubambe oqotsheni indoda yakwamakhelwane idlwengula ingane yakhe yentombazane eneminyaka eyisithupha ngoLwesihlanu ekuseni.
Umndeni kamgilwa uthi ingane enukubeziwe inesifo i-autism, umqondo wayo uyaphuza ukubamba izinto.
Umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela kubo endlini, wabekwa icala lokudlwengulwa.
Isolezwe lithole ukuthi ingane ibikade idlala kubo egcekeni, yagcina isikamakhelwane idlala nentombazane yakhona eneminyaka emine.
Umndeni kamgilwa uthe akajwayele ukuphuma egcekeni nabo kubadidile uma esetholakala kwamakhelwane. Kusolakala ukuthi ingane idonselwe ekamelweni lokulala ngumsolwa lapho efike wayidlwengulela khona.
Kuvela ukuthi ingane ebikade idlala nomgilwa imemeze kaningi igama lakhe kodwa engasabeli kwaze kwezwa unina kamgilwa ekwakhe.
Unina kamgilwa kuthiwa uye kulo muzi, wase eqonda ekamelweni obekukhomba khona ingane ebidlala nomgilwa, okuthe uma elivula engena ngaphakathi, wazithela phezu kukamsolwa eqhoqhobele ingane yakhe.
Isihlobo sikamgilwa, esiligodlile igama laso ngenhloso yokuvikela ingane, sithe unina womntwana uthathe ingane yakhe wakhala kakhulu, wamemeza ehlaba umkhosi kwafika omakhelwane.
“Umsolwa uzivumele ngokwakhe, wathi udlwengule ingane ngoba kade ehala. Uyihalela kanjani ingane encane kangaka, engazi lutho futhi e-autistic? Emva kwala manyala ingane iyiswe emtholampilo, kwaqinisekiswa ukuthi inukubeziwe,” kuchaza isihlobo sikhihla isililo.
Lesi sihlobo siqhube sathi umsolwa ufike ngonyaka odlule ezohlala endaweni.
Kuthiwa wayekade egcine ukuvakasha ngo-2015 futhi engezi kubo uma kunemicimbi noma kushoniwe.
Lesi sihlobo sithe le ndoda ayiqali ukugila le migilingwane njengoba isike yaboshelwa icala lokudlwengula ingane eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe icala lokudlwengula eliphenywa amaphoyisa asesiteshini saseHarding.
UConst Ngcobo uthe kusolwa ukuthi umakhelwane udlwengule ingane eneminyaka eyisithupha KwaMachi.