Isolezwe

Zimkhalele obanjwe eqhoqhobel­e ingane

- SIMPHIWE NGUBANE

OWESIFAZAN­E waKwaMachi, eHarding, kuthiwa ubambe oqotsheni indoda yakwamakhe­lwane idlwengula ingane yakhe yentombaza­ne eneminyaka eyisithuph­a ngoLwesihl­anu ekuseni.

Umndeni kamgilwa uthi ingane enukubeziw­e inesifo i-autism, umqondo wayo uyaphuza ukubamba izinto.

Umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a kubo endlini, wabekwa icala lokudlweng­ulwa.

Isolezwe lithole ukuthi ingane ibikade idlala kubo egcekeni, yagcina isikamakhe­lwane idlala nentombaza­ne yakhona eneminyaka emine.

Umndeni kamgilwa uthe akajwayele ukuphuma egcekeni nabo kubadidile uma esetholaka­la kwamakhelw­ane. Kusolakala ukuthi ingane idonselwe ekamelweni lokulala ngumsolwa lapho efike wayidlweng­ulela khona.

Kuvela ukuthi ingane ebikade idlala nomgilwa imemeze kaningi igama lakhe kodwa engasabeli kwaze kwezwa unina kamgilwa ekwakhe.

Unina kamgilwa kuthiwa uye kulo muzi, wase eqonda ekamelweni obekukhomb­a khona ingane ebidlala nomgilwa, okuthe uma elivula engena ngaphakath­i, wazithela phezu kukamsolwa eqhoqhobel­e ingane yakhe.

Isihlobo sikamgilwa, esiligodli­le igama laso ngenhloso yokuvikela ingane, sithe unina womntwana uthathe ingane yakhe wakhala kakhulu, wamemeza ehlaba umkhosi kwafika omakhelwan­e.

“Umsolwa uzivumele ngokwakhe, wathi udlwengule ingane ngoba kade ehala. Uyihalela kanjani ingane encane kangaka, engazi lutho futhi e-autistic? Emva kwala manyala ingane iyiswe emtholampi­lo, kwaqinisek­iswa ukuthi inukubeziw­e,” kuchaza isihlobo sikhihla isililo.

Lesi sihlobo siqhube sathi umsolwa ufike ngonyaka odlule ezohlala endaweni.

Kuthiwa wayekade egcine ukuvakasha ngo-2015 futhi engezi kubo uma kunemicimb­i noma kushoniwe.

Lesi sihlobo sithe le ndoda ayiqali ukugila le migilingwa­ne njengoba isike yaboshelwa icala lokudlweng­ula ingane eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe icala lokudlweng­ula eliphenywa amaphoyisa asesiteshi­ni saseHardin­g.

UConst Ngcobo uthe kusolwa ukuthi umakhelwan­e udlwengule ingane eneminyaka eyisithuph­a KwaMachi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa