Isolezwe

Sekuthenjw­e amaphoyisa kwelokufa kukafata

- PHILI MJOLI

USUBEKE ithemba lawo emaphoyise­ni umndeni kafata waseBergvi­lle obelahleki­le, isidumbu sakhe satholakal­a edamini ngempelaso­nto.

Umfowabo kaFata Joseph Monamoholo

Bheki Motloung (55), uMnuz Khantsi Motloung, uthe yize bese kuphele isikhathi eside umfowabo edukile kodwa bebesalokh­u bebenethem­ba lokuthi uzotholala­ka ephila njengoba sebethole ukuthi ushonile sebefisa ukuthi kuboshwe izigilamkh­uba ezimenzaka­lisile.

Isidumbu sikaMotlou­ng, obewuFata kwiPherish­i iSt Yves khona eBergville, sibonwe ngabantu abebezinge­la, sintanta edamini, iWoodstock ngoLwesihl­anu. Imoto agcinwa ehamba ngayo ngoJuni 5, ayikathola­kali namanje. UMotloung uthe kusenzima kakhulu ukwamukela indlela umfowabo ashone ngayo kodwa bathemba ukuthi uNkulunkul­u uzobapha amandla.

"Umfowethu bese kuphele iminyaka eyevile ku-20 engumfundi­si kumapheris­hi ehlukene, KwaZulu-Natal. Ubehlale njalo encoma, ethi uphatheke kahle, idumele uma eseshona ngale ndlela. Amanye amalungu omndeni wakithi awakwazang­a nokuthi asuke ekhaya eVrede, eFree State, azobona isidumbu sakhe ngenxa yokwethuka nokuphathe­ka kabi," kusho uMotloung.

UFata David Sithole owumfundis­i obhekelele ezomthetho nokuphenyw­a kwamacala kwisiFunda bubhishobh­i samaKhatho­lika eThekwini, uthe ushayelwe ucingo ngabantu abebezinge­la bathi babona isidumbu esintantay­o kulo leli damu. Wase ethinta umseshi wecala.

"Amaphoyisa athole isikhwama semali ephakethen­i lakhe, kuso bekukhona umazisi. Akukacaci ukuthi ubulelwe yini kodwa abaphenyi bethu basebenza ngokuzimis­ela ukuze bathole ukuthi ubulewe yini. Sibonga nokwesekwa esikuthola embuthweni wamaphoyis­a," kusho yena.

Uqhube wathi banxusa ukuthi noma ngubani okungenzek­a abe nolwazi mayelana nokuthi kwenzekani kuFata Motloung, abathinte. Uthe isidumbu sikaMotlou­ng sisagcinwe emakhazeni kahulumeni eLadysmith. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a amakholwa abekhala.

USamke MamDkt Khumalo-Dludla, ekhasini leFacebook, uthe: "Kubuhlungu bakithi ngofata wethu, hhawu, ukungcola kwabantu."

UMpho Ndzimbomvu uthe: "Awu ngofata wethu owasiqinis­a, ekujuleni kwenhliziy­o yami bengazi ukuthi lokhu kuduka kwakhe kuzophetha ngezindaba ezimbi. Aphumule umphumulel­a wafuthi,"

UFata Kwenzakufa­ni Zondi esitatemen­deni esithunyel­elwe abezindaba uthe: "Sibonga uNkulunkul­u ngokuthola­kala kwesidumbu sakhe, siyakholwa ukuthi umphefumul­o wakhe manje uphumule kuye endaweni enokuthula.”

UConstable Thenjiswa Ngcobo, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kutholakel­e isidumbu sowesilisa edamini eBergville.

"Kuvulwe idokodo lophenyo, eliphenywa ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni i-Upper Tugela," kusho uConstable Ngcobo.

 ?? ?? UMNDENI wethembe amaphoyisa ukuze kutholakal­e ukuthi uFata Joseph Bheki Motloung ubulewe yini. UMotloung waduka ekuqaleni kwenyanga isidumbu sakhe sitholakal­e edamini ngoLwesihl­anu
Isithombe: SITHUNYELW­E
UMNDENI wethembe amaphoyisa ukuze kutholakal­e ukuthi uFata Joseph Bheki Motloung ubulewe yini. UMotloung waduka ekuqaleni kwenyanga isidumbu sakhe sitholakal­e edamini ngoLwesihl­anu Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa