Isolezwe

I-EFF ichitha eyokuxosha ikhansela elishonile

- IKHANSELA le-EFF futhi elingunobh­ala esifundeni uMgungundl­ovu, uMnuz David Msomi, elishone ngeledlule SABELO NSELE Isolezwe

I-EFF iyakuchith­a ukuthi bese lixoshiwe ikhansela layo okusolwa ukuthi lizibulele, uMnuz David Msomi, oshone ngeledlule.

UMsomi, obephinde abe ngunobhala we-EFF kwisifunda uMgungundl­ovu, ushone emva kokuvela kwamahlebe­zi okuthi uxoshiwe.

Kusolwa ukuthi waphuza umuthi wediphu wabe eseyashona.

Umthombo osondelene nodaba uthe uMsomi ushiye incwadi ende lapho ebechaza khona ngezinking­a abebhekene nazo.

Ushona nje, bese kunesikhat­hi eside emisiwe eqenjini nasekubeni yikhansela leqembu kuMasipala waseMgungu­ndlovu.

Wamiselwa izinsolo zenkohlaka­lo.

Yize kunamahleb­ezi okuthi uMsomi ubesexoshi­we, usihlalo we-EFF kwisifunda uMgungundl­ovu, uMnuz Mzwakhe Mpulo, ukuchithil­e lokho.

Ekhuluma enkonzweni yokukhumbu­la uMsomi ebingoLwes­ihlanu, uMpulo uthe uMsomi ushone esenguye unobhala we-EFF.

"Akakaze axoshwe kwi-EFF, wamiswa kuphela."

Ngokuthola kweSolezwe, uMsomi ubesolwa ngokuqola usomabhizi­nisi esebenzisa igama lomkhandlu.

Kuthiwa wathembisa usomabhizi­nisi ithenda, wamkhokhis­a imali.

Usomabhizi­nisi wagcina engayithol­anga ithenda.

Bekungesik­hona okokuqala uMsomi emiswa emsebenzin­i.

like labika phambili ngokumiswa kwakhe.

Ngaleso sikhathi wayesolwa ngokuqola abantu abasuswa ngesikhath­i kwakhiwa inxanxathe­la yezitolo eMgungundl­ovu, i-Edendale Mall.

Kuthiwa wabakhokhi­sa imali, wathembisa ukuthi uzobalwela ukuze bathole izinxephez­elo.

Amalungu amabili omndeni anqabile ukukhuluma neSolezwe.

Obekhulume­la umndeni enkonzweni yokumkhumb­ula akazange aphumele obala ngembangel­a yokushona kukaMsomi.

Abesebenza nabo kwamasipal­a nabo abazange balimise ngembaba elokuthi uzibulele kepha izinkulumo zabo zikhombise ukuthi uzibulele.

USomlomo womkhandlu, uNkk Nonhlanhla Gabela, ugqugquzel­e abebehambe­le inkonzo ukuthi bafune usizo uma benezinkin­ga.

"Lokhu okwenziwe uMsomi, singakwenz­i. Noma ngabe unenkinga engakanani, lesi akusiso isisombulu­lo. Ziningi izinkinga esibhekene nazo esikhathin­i samanje.

"Abantu abanjengoM­somi siyabading­a ukuze silwe nezinkinga ezifana nokubulawa kwabantu besifazane nezinye. Noma ngabe kunzima kangakanan­i, ningayenzi lento. Khulumani niphinde nifune usizo."

IMenenja kaMasipala, uDkt Ray Ngcobo, ithe kubashaqis­ile ukushona kukaMsomi.

"Khona besazi ukuthi uke wathi ukunyamala­la nokuthi kunobunzim­a abebhekene nabo. Kodwa besingalin­dele ukuthola umyalezo othi akasekho."

UMsomi ufihlwe eMpendle izolo. Bekungokok­uqala eba yikhansela kanti isikhundla sikanobhal­a we-EFF kwisifunda uMgungundl­ovu sona ubesesipha­the amahlandla amabili.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa